UNQABA ukubuyela kwiBloemfontein Celtic obengukaputeni waleli qembu elimxoshise okwengcanga, kubangwa izindaba zamaholo.
Isolezwe lithole ukuthi kuphithene amakhanda ezikhulwini zeCeltic njengoba udaba lwayo lokuxosha uPatrick Tignyemb seludluliselwe kwiFifa.
Kuthiwa izikhulu zaleli qembu elinenkinga yemali, okukhona kuzo noKhumbulani Konco, sezihluleke zancama ukuncenga lo nozinti ukuthi abuyele eqenjini, okusongwe isizini ka-2018/19 lisendaweni yesishiyagalombili. Kuvela ukuthi uTignyemb uzitshele emehlweni izikhulu zeqembu ukuthi akasefune lutho olumhlanganisa neCeltic.
Nakuba kungacaci ngesizathu sokukhonjwa indlela kukaTignyemb kodwa kuvela ukuthi waxoshwa ngoba wayekhulumela abadlali okuthiwa babengayitholanga imiholo yabo.
Lo nozinti ofike kwiSiwelele ngo-2008 ephuma kwiTonnerre Yaounde yangakubo eCameroon, wacashunwa esola uKonco ngokuba umxovi. Uthe baba nomhlangano umuhle nosihlalo weqembu, uMax Tshabalala, owaveza ukuthi akanayo imali. Waqhuba wathi usihlalo weqembu wabacela ukuthi bambekezelele nokuthi badlale ngokuzimisela emdlalweni wokugcina.
UTignyemb wathi bathi benganake lutho bathola incwadi eyayiphuma kuKonco eyayibasongela ngokuthi uma bengabhukuli bazohlawuliswa isamba semali esithile.
Lo nozinti waveza ukuthi icala alenza kwaba ukutshela uKonco ukuthi akwenzayo akukho emthethweni. Uxoshwa nje, inkontileka yakhe neqembu ibiphela ngo-2022.
Leli phephandaba lithole nokuthi udaba lwalo nozinti selungenelelwe nayiSouth African Football Players Union (Safpu) nakuba izindaba ezithinta abadlali bangaphandle zilungiswa iFifa uqobo.
Kuthiwa le nyunyana yabadlali seyike yaba nomhlangano nezikhulu zeCeltic lapho ziveze khona ukuthi ziyazisola ngezakwenza, zavuma nokuthi zamxosha zingawulandelanga umthetho.
Imizamo yokuthola uKonco kayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belungangeni.
UCalvin Motlaung, oyiphini likanobhala kwiSafpu ukuqinisekisile ukuthi sebeke baba nomhlangano neCeltic ngenhloso yokubhula umlilo.
Lesi sikhulu sibuye saveza ukuthi izikhulu zeqembu zikuvezile kubo ukuthi kazisazi ukuthi zimncenge kanjani uTignyemb ukuthi abuyele eqenjini.
“Nakuba izindaba zabadlali bangaphandle zisingathwa iFifa kodwa besingeke sithule sibukele kudlalwa ngomdlali. ICeltic ikuvumile kithina ukuthi kayiyilandelanga imigudu efanele futhi yakuvuma ukuthi kayizange lo nozinti imbizele esigungwini esiqula amacala. Iphinde yasicela ukuthi siyincengele umdlali abuyele eqenjini. Yazi kahle ukuthi iFifa kayidlali. Izohlawuliswa kanzima uma ingalulungisi ngokushesha lolu daba,” kubeka uMotlaung.
AmaZulu FC ahlawuliswa kanzima yiFifa ngokunqamula inkontileka kaPhineas Nambandi waseNamibia ekubeni yayingakapheli inkontileka yakhe. Ngaphandle kokuhlawuliswa imali engaphezu kwesigidi, Usuthu lwabuye lwaphucwa amaphuzu ayisithupha.