BAKUFANISE nokusakazwa ngolabhabha wempama abalandeli beKaizer Chiefs ukukhishwa kukaLeonardo Castro esikimini sabazoqala umdlalo weCarling Black Label Cup, yize kuyimali yabo efake lo mgadli waseColombia enkundleni ngoba bezifela ngaye.
UCastro osekusikazwe kaningi ukuthi usendleleni ephumayo eNaturena ukhishwe esikimini seBlack Label Cup ngaphandle kwencazelo okuyinto engazange ihlale kahle kubalandeli baleli qembu.
Okubacasula kakhulu, wukuthi uCastro ukhishwa nje, bakhombisa ngokusobala ukuthi bayamthanda futhi bambona eyimpendulo ekushayeni amagoli yinqobo uma u-Ernst Middendorp ezodlalisa isikimu esihlaselayo hhayi esigade ukuvimba emuva kuphela.
Uthando lwabalandeli kuCastro lufakazelwa wukuthi unyondulwa kulesi sikimu nje, ungowesithathu ngokuvotelwa lapho ebelandela khona uBernard Parker no-Itumeleng Khune abazihola phambili ngamavoti esikimini seChiefs. Ubesenamavoti acela ku-40 000 ukuba aqale umdlalo oseFNB ne-Orlando Pirates ngoJulayi 27 ngo-3 ntambama. Asedayiswe aphela amathikithi.
“Ngeke siye ndawo naleli qembu,” kusho y-Admiral KA ezinkundleni zokuxhumana. “Vele asilalelwa ngoba yiqembu lomndeni. Bathanda uParker,” usho kanje uSancoPation. “Ngabe ngiyezwa ukuthi kuxoshwa u-Akpei (Daniel) kulandwe uThela Ngobeni.
“Kuxoshwa uCastro nje ngeke asayiniswe uMwape Musonda, manje akusizi,” ubalise kanje uScollzy_fearless kwelakhe ikhasi.
Akukona okokuqala abalandeli beChiefs bephoxeka kwazise noRyan Moon bese bemvotele ngaphezulyu kuka-10 000 kodwa Amakhosi amkhipha kulolu luhla. Kuqinisekisiwe nokho ukuthi njengakuMoon, abese bevotele uCastro bazovulelwa ithuba lokuphinde bavotele omunye.
Bazothola umqhafazo ngokufanele bakwenze ukuze bavote ngaphandle kokukhokha kabili.
Ukunyondulwa kukaCastro kulesi sikimu sekuvulele uLazarous Kambole ongeyena umgadli ukuba avale isikhala kumafolosi isibhekene neBucs. Ayikasho lutho iChiefs ngekusasa likaCastro kodwa sekubalwa amaqembu amakhulu njengeWaydad Casablanca kwamnyonyobelayo.
Njengoba iChiefs isayinise abadlali abaningi bangaphandle kufanele ivule isikhala ngokuxosha oyedwa phakathi kukaCatro no-Akpei kwazise uTeenage Hadebe usenekhaya elisha eTurkey.