PHENDULANI BUTHELEZI
UMDLALI weCell C Sharks uPhendulani “Phepsi” Buthelezi, uthi ukusebenza kanzima nokufunda kubadlali asebemnkantshubomvu kuyimfihlo yakhe yempumelelo.

UButhelezi (20) udlala indawo ye-loose-forward kwiSharks. Unyaka u-2019 kube owezimanga kule nsizwa yaseHluhluwe njengoba idlale okokuqala kwiSuper Rugby, yaba ngukaputeni weqembu lesizwe lika-Under 20 kwiWorld Rugby Championship njengoba isidlala kwiCurrie Cup neqembu elikhulu leSharks.

Eminyakeni edlule uButhelezi uke wanqoba isicoco seCurrie Cup neqembu leSharks le-Under 19.

Kubukeka sengathi ikusasa likaButhelezi ebholeni lombhoxo liqhakazile ngemuva kokuzuza zonke lezi zinto ezingenhla esemncane.

UButhelezi uthe ukuzehlisa, nokufunda kwabadala ubona ukuthi yikhona okumenza ahluke kontanga yakhe.

“Kube wunyaka wezimanga lona kimina, ngihluleka nokuchaza. Ukudlalela iqembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba ngiphinde ngibe ngukaputeni, ukudlala kwiSuper Rugby nakhu manje ngidlala kwiCurrie Cup. Imfihlo yami ukuthi ngizama ngakho konke okusemandleni ukuthi ngilisebenzise ithuba engilitholayo.

“Kuyangisiza nokufunda kubadlali abangaphambili njengoTera (Mthembu) nabanye abadlali asebebadala kule ndima. Ngaphandle kwalokho ngiwumuntu osebenza kanzima, njalo uma kade sidlala ngiyaye ngizihluphe ngokubuka ama-video ami ngidlala, ngibone amaphutha engiwenzile ukuze ngizokwenza kangcono emdlalweni olandelayo,” kusho uButhelezi obefunda eDurban High School.

Ngeledlule iSharks ibhacazile ishaywa yiPhakisa Pumas ngo-27-20. Emidlalweni emithathu esadlalwe yiSharks kwiCurrie Cup isanqobe umdlalo owodwa, nokwenza kube nongabazane ukuthi ngabe bazokwazi yini ukuvikela isicoco seCurrie Cup abasinqobe nyakenye.

NgoMgqibelo oShaka bazodlala neToyota Free State Cheetahs eKings Park ngo-3 ntambama.

“Silindele umdlalo onzima kakhulu. Bayakwazi ukukhahlela kahle futhi banamandla. Nakuba beshayiwe ngeledlule kodwa bayingozi kakhulu ngakho kuzofanele sizibambe ziqine. Sinamaphutha kakhulu kodwa sizamile ukuwalungisa ngoba sibonile ukuthi sibuye singagcini ibhola ngendlela efanele,” usho kanje uButhelezi.

Imidlalo yeCurrie Cup imi kanjena:

Kusasa:

DHL Western Province v Phakisa Pumas (Newlands Stadium, 3pm)

NgoMgqibelo:

Sharks v Pumas (Kings Park, 3pm), Xerox Golden Lions v Vodacom Blue Bulls (Emirtaes Airlines Park, 5.15pm)