INJINI yeCape Town City, uRoland Putsche, ibona kuseva ukuthi umqeqeshi wabo uBenni McCarthy usengagixabezwa ngomsebenzi wokupheka iBafana Bafana.
UMcCarthy, osevele uwine indebe kwi-Absa Premiership okungeyeMTN8, ungomunye wabaqeqeshi abagama abo aqhamukayo okubhekwe ukuthi kuqokwe kubona ozovala isikhala sikaStuart Baxter olaxaze umsebenzi emasontweni adlule.Okwamanje iSouth African Football Association (SAFA) isabambise uMolefi Ntseki obekade eyiphini likaBaxter. Ngaphandle kukaMcCarthy abanye abaqeqeshi okungenzeka kubhekwe kubona nguPitso Mosimane weMamelodi Sundowns noGavin Hunt weBidvest Wits. UMosimane usekusho kaningi ukuthi ngokwakhe uMcCarthy umfanele ngoba unothando olujulile lwebhola futhi igama lakhe liyaziwa ebholeni lomhlaba.UMcCarthy uyena kuphela eMzansi onendondo ye-UEFA Champions League ayithole esadlala kwiFC Porto yasePortugal eqeqeshwa nguJose Maurinho.
“Bekuvele kuzokhulunywa ngaye mayelana nesikhundla seBafana. Ngiyakuthokozela ukusebenza naye. Akumele singakhohlwe ukuthi ungumqeqeshi osemncane, kuningi okumlindile. Nginesiqiniseko sokuthi ungumqeqeshi ofanele ukuqeqesha iBafana kodwa mhlampe isikhathi akukabi yisona. Kodwa kufanele azithathele yena isinqumo,”kusho uPutsche wase-Austria.
“Uyedwa umuntu owaziyo uma sekufike isikhathi, uyena. Kusezandleni zakhe. Uma efuna ukuwuthatha umsebenzi uzowuthatha futhi ngimfisela konke okuhle. Uma ethi kufanele awuthathe ngesikhathi esizayo, ngizokuqonda futhi lokho. Ngibheke ukusebenza naye isikhathi eside. Kodwa ngimfisela okuhle noma ngabe ukhetha kuphi.”
Usihlalo weCity uJohn Comitis usevele umdedele ngenhliziyo emhlophe uMcCarthy wathi uma iSAFA imthatha ngeke amnqabele.
Nokho kungaba kuncane ukujabula kubadlali beCity abahlale bencoma indlela abaphethe ngayo nabakhuthaza ngayo ukuthi bazinikele emsebenzini wabo.
“Kungaba buhlungu ukulahlekelwa uyena ngoba eminyakeni emibili engiyisebenze naye ngibonile ukuthi ukhula kangakanani ekuqeqesheni. Ngisafuna ukusebenza naye kodwa ibhola liyibhizinisi, izinto zingashintsha ngokushesha bese kufanele wamukele.
Uma ewuthatha umsebenzi weBafana iCape Town City izokwazi ukumelana nalokho, iqhubeke,” kusho uPutsche.
UMcCarthy nabafana bakhe bahlalelwe wumsebenzi wokuvikela iMTN8 abayiwine behlula iSuperSport United ngesizini edlule.
IThe Citizens izobhekana nePolokwane City ngo-Agasti 17 eKapa. IMTN8 yethulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu eGoli.
“Sifuna ukudlalela ukuwina zonke izindebe. Siyiwinile ngesizini edlule, manje sesifuna okungenani ezimbili.
“Sizobanga namaqembu amakhulu kwiPremiership okuyi-Orlando Pirates, Sundowns namanye kwiligi.
“Lokho sikwenza ngendlela esidlala ngayo enkundleni,” kusho uPutsche.