UVUMA eyokuzifaka obishini lwamaqembu abalekela izembe umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, emuva kokuhluleka wokuqoqa amaphuzu agcwele ekhaya bedliwa yiChippa United ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngempelasonto.
Usuthu, olungavamisile ukushayelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, luguqe ngegoli lika-Andile Mbenyane elingene esiwombeni sokuqala.
Umphumela usho ukuthi selihlukaniswe yigebe lamaphuzu amabili namanye amaqembu obekuyiwe emidlalweni yangempelasonto kuyiwona okucacile ukuthi alwela ukuvika izembe. IChippa neBaroka FC sebenamaphuzu awu-24 ngemuva kokunqoba imidlalo yabo kanti ezikaJohnson zisamile emaphuzwini awu-26.
“Akungatshazwa ukuthi igebe liyancipha. Lokho kwenza umqondo wakho ugijime uye ezindaweni ezehlukene ezingakugculisi. Ngihlezi ngisho-ke ukuthi uma ungekho endaweni yokuqala akukho ukunethezeka. Siyafana namaqemu angezansi kwethu nalawo angenhla kwethu, ngaphandle kohleli endaweni yokuqala,” kusho uJohnson.
Uthe njengoba sekusele imidlalo emihlanu isongwe iligi, wonke umuntu eqenjini kuzomele enze umsebenzi wakhe ngokuphindiwe, kusukela kubona beyithimba labeqeqeshi kuya kubadlali.
“Akukuhle ukuhlulelwa ekhaya ngoba nabalandeli bayakujikela okuyibona okumele ngabe bayakweseka. Sizamile ukubakhuthaza abadlali kodwa izinto zangahlangana. Sibe nebhadi namuhla (ngoMgqibelo) ngoba bekungahambi ngendlela esifisa ngayo. Manje sesibhekene nomqansa. Kuzomele emdlalweni olandelayo sibuye ngamandla. Kulesi sikhathi sesizini sifuna ukuthi umdlali nomdlali azikhombise ubuqhawe bakhe ngoba isimincane nemidlalo esele,” kwenaba uJohnson.
Ufuna babuyise lokhu kulwa abakukhombisile ngemuva kokuphucwa amaphuzu ayisithupha ekuqaleni kwesizini, okubashiye behleli emsileni kwi-log.
“Kukhomba ukuthi kufanele siphinde silwe futhi ukuze siqoqe amaphuzu emidlalweni esele. Olandelayo mkhulu kakhulu njengoba ungowabakhaya ne(Lamontville Golden Arrows.”