UMDLALI weKaizer Chiefs, uKhama Billiat, ufuna baqine ngokomqondo ukuze babhekane nesimo sokudlala ngaphandle kwabalandeli.
IChiefs izodlala umdlalo wokuqeda isigwebo se-Premier Soccer League (PSL) eyanikezwa sona ngemuva kwezidubedube zaseMoses Mabhida Stadium ngesikhathi ibhekene neFree State Stars kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngesizini edlule.
I-PSL iyigwebe imidlalo emibili, yalengisa owodwa. Emdlalweni wokuqala, Amakhosi ebukwa yizinyoni akhale ngaphansi ngo 1-0 kwiPolokwane City ngenyanga edlule. Kusasa ngo-6 ntambama azogadulisana neChippa United eMabhida.
UBilliat, intandokazi yabalandeli beChiefs, uthe kunzima ukudlala ngaphandle kwabalandeli kodwa kufanele bakugweme okwenzeke kwiPolokwane.
“Kunzima eqenjini futhi kudinga umsebenzi omkhulu ngoba kufanele sigcine umgqigqo. Sihluliwe eThekwini bengekho abalandeli, saphoxeka kakhulu. Asifuni kusiphinde lokho. Sizozama ukukulungisa lokho, siqine ngokomqondo, senze isiqiniseko sokuthi siyawina. Sidinga ukujabulisa abalandeli bethu ngoba akulula kubona, ikakhulukazi eThekwini, ngoba bafuna ukuya enkundleni kodwa umdlalo bazowubuka behlezi ekhaya. Kufanele senze konke okusemandleni, siwine umdlalo ukuze bathobeke izinhliziyo,” kusho uBilliat.
“Kuzoba wumdlalo onzima. Ngaphambi komdlalo nePolokwane, umqeqeshi ubekugcizelela ukuthi kuzoba nzima ngoba abekho abalandeli, kufanele siqine ngokomqondo, sizilungiselele ngoba akusona isimo esisijwayele. Wathi akufanele sithathe izinto kalula. Kodwa sigcine sihluliwe. Bekungemnandi ukuba kulesi simo. Angicabangi ukuthi eqenjini ukhona ofuna ukuphinda abhekane nalesi simo. Ngethemba ukuthi ngeke sisaliphinda lelo phutha. Kufanele sizimisele.”
Nakuba abalandeli beChiefs bezifela ngoBilliat kodwa akakayishayi inethi ngendlela abafisa ngayo. Ubajabulisile eshaya igoli kowabakhaya kodwa Amakhosi agcina ekhale ngaphansi ngo 2-1.
IChiefs isiwine imidlalo emibili ilandelana selokhu ihlulwe yiPirates okuyisimo esimjabulise kakhulu umqeqeshi, uGiovanni Solinas. Ngempelasonto edlule iphume ijabule eMabhida emuva kokwehlula iSuperSport United ngo 1-0 wegoli likaRamahlwe Mphahlele koweTelkom Knockout. NgoLwesithathu ebusuku icoshe amaphuzu agcwele kwiBlack Leopards eFNB Stadium. Iwine ngo 1-0 wegoli likaWillard Katsande. Lokhu kusho isomiso kubagadli beChiefs.
“Inqobo nje uma iqembu liwina ngiyajabula. IChiefs ingaphezu kwanoma yimuphi umgadli. Abagadli bayafika bahambe kodwa iqembu liyasala. Sifuna amaphuzu, akukhathalekile ukuthi siwina kanjani,” kusho uBilliat.