UMA kubhekwa isibalo samagoli kubukeka kusekuncane okwenziwe umgadli weKaizer Chiefs, uGustavo Paez, ekutheni enze abathandi bebhola bakhohlwe wukuthi kungani aze waqanjwa igama elithi ngu“Maleveni” ngesikhathi efika eNaturena ngoJanuwari.
Abalandeli babenza ihlaya ngokuthi lo mgadli odabuka eVenezuela ufike kuleli enerekhodi lokushaya amagoli angu-11 emidlalweni ecishe ifike ku-100.
UPaez, ushaye amagoli amahlanu ngesizini edlule, amathathu kwiNedbank Cup namabili kwiligi. Kulokhu kwi-Absa Premiership usevalele amathathu. Ngesikhathi umqeqeshi waMakhosi uSteve Komphela ephawula ngemuva komdlalo odlule weligi, uveze ukuthi esinye isizathu esenza ukuthi uPaez oneminyakazo ethembisayo, angawashayi amagoli, wukuthi kusenzima ukutholana nozakwabo. “Ngesikhathi sidlala naMaZulu besimbona umdlalo usaqala kodwa kwesinye isikhathi uthola ukuthi lona ophethe ibhola unengcindezi. Nokho iqiniso lona lithi kumele sikwazi ukusheshe simbone, siyiqonde indlela angena ngayo ezikhaleni. Kodwa kwesinye isikhathi ukwenza nokukhuluma akufani,” kusho uKomphela.
UKomphela ubezama ukucacisa ngesihlava esihlasele ibhola laseNingizmu Afrika lapho kubonakala khona imidlalo yeligi iphela kungazange kushaywe ngisho igoli elilodwa.
“Asikwazi ukubalekela imfundiso efakwa kuwena usemncane,” esho egcizelela ephuzwini lokubaluleka kokufundiswa kwabadlali kuseva.
IChiefs igcina ukungena enkundleni ibhuquzisane neFree State Stars, umdlalo wagcina uphele ngo 1-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngaphambi kwalokho yayikade ibambane kwaba kuncane indawo naMaZulu. Namuhla izovakashela iChippa United eNelson Mandela Stadium ngo-7.30 ebusuku. Egcina ukuhlangana la maqembu kwiNedbank Cup, kudlule Amakhosi ngo 1-0. Ngaphandle kukaPaez kufanele ukuthi uKomphela uzothembela ekutheni umgadli osemnkantshubomvu uBernard Parker naye uba bukhali baphambi kwamapali.
UParker unamagoli amabili okubalwa nelibe ngelika-50 egqoke imibala yeChiefs alishaye bedlala neStars. Abanye abashaye amagoli kuMakhosi kwangu-11 enawo kwiligi, uSiphiwe Tshabalala (2), George Maluleka, Eric Mathoho, Siyabonga Ngezana noWiseman Meyiwa abashaye elilodwa ngamunye.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Free State Stars v Golden Arrows (Goble Park); AmaZulu FC v Bloemfontein Celtic (King Zwelithini Stadium); Chippa United v Kaizer Chiefs (Nelson Mandela Bay Stadium); Polokwane City v Platinum Stars (Old Peter Mokaba Stadium); Bidvest Wits vAjax Cape Town (Bidvest Stadium)
NgoLwesihlanu: Maritzburg United v Baroka FC (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: SuperSport United v Cape Town City FC (Mbombela Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Bidvest Wits (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Platinum Stars v Kaizer Chiefs (Royal Bafokeng Stadium, 6pm); Ajax Cape Town v Chippa United (Bidvest Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v AmaZulu FC (Orlando Stadium, 8.15pm);
NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Free State Stars (Dr Molemela Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v Mamelodi Sundowns (Princess Magogo Stadium, 3.30pm)