UKAITANO Tembo usamukele isinqumo sokunganikezwa ikhadi elibomvu kukanozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune emdlalweni we-quarterfinal yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelasonto.
Unompempe obephethe umdlalo, uDaniel Bennett, unikeze uKhune ikhadi eliphuzi ngemuva kokuthi lo nozinti evimbe ibhola ngesandla ngaphandle kwebhokisi esebhekene nomdlalo weSuperSport United, u-Aubrey Modiba.
Lesi sigameko senzeke ngaphambi kokuthi iChiefs ithole igoli egcine inqobe ngalo elishaywe uRamahlwe Mphahlele. Ngaphambi kwalo mdlalo Amakhosi abebekelwe iphenathi kodwa wayigeja uWillard Katsande.
“Ngesikhathi sekhefu ngikhulume nonompempe ngibuza ngokwenzekile. Ngicabanga ukuthi uxolisile ngokwenza isinqumo okungesona. Uthe naye obengenaso isiqiniseko ngokwenzekile ngakho ubengeke akwazi ukuthatha isinqumo okuyiso (ikhadi elibomvu). Mina bengikude angibonanga kahle okwenzekile.
“Kumele sibuye sibaxolele onompempe angikholwa ukuthi akwenzile kube yinhloso. Emdlalweni omkhulu kumele ube nesiqiniseko ngezinqumo ozithathayo,” kusho uTembo.
Uthe wethemba ukuthi unompempe nethimba lakhe bazowubuyekeza umdlalo bafunde emaphutheni abawenzile. Umqeqeshi weChiefs, uSolinas ebuzwa ngokwenzekile uthe akathandi ukuphawula ngezinqumo zikanompempe “ngoba kuyenzeka zikuvune noma zingakuvuni”.
UTembo uthe bebefuna ukususa izinyembezi zokuhlulwa kowamanqamu eMTN 8 ngokuthi badlulele kweyandulela owamanqamu kwiTelkom Knockout.
I-United ihlulwe iCape Town City kowamanqamu eMTN 8 ngenyanga edlule.
“Abadlali badlale kahle kakhulu ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Ngicabanga ukuthi neChiefs iyakubona ukuthi kudingeke ukuthi ikujulukele ukuwina. Kusemqoka manje ukuthi sibheke emdlalweni olandelayo. Ngiyazi abadlali baphoxekile ngoba bebezimisele ngokususa ukudumala kweMTN 8 kodwa kumele sibakhuthaze sibheke umdlalo wethu weligi neFree State Stars,” kusho Tembo. Umdlalo ungoMgqibelo eGoble Park ngo-8.15 ebusuku.