KULINDELEKE ukuthi aphinde abonakale amagalelo kaSamuel Sepeng, oqeqesha umpetha webanga eliwu-800m, kuma-Olympic, uCaster Semenya, uma esebhekene nenselelo azoyiphonselwa yizimbangi zakhe eziqhamuka kwamanye amazwekazi omhlaba.
USepeng nakuba ebevele elolonga uSemenya ngesikhathi esafunda eNorth West University (Potchefstroom Campus) kodwa konke abekwenza naye besukela ohlelweni obelusuke ludwetshwe nguJean Verster (umqeqeshi omdala kaSemenya).
Lo mqhudelwaneni we-IAAF, nowaziwa ngeContinental Cup, use-Ostrava, eCzech Republic namuhla ntambama.
Abagijimi okubhekeke ukuthi baphonsele uSemenya inselelo ebangeni eliwu-800m yintokazi yaseBurundi, uFrancine Niyonsaba, obegijima kahle nonyaka. Isikhathi esingcono sikaNiyonsaba kulo nyaka siwu-1.55.86 ekubeni esikaSemenya siwu-1.54.25. Lo mehluko wenza izingqapheli zalo mdlalo wejubane zibone kuyiyona engase imdlisele ogageni.
Okwenza kubonakale kungaba yintokazi yaseBurundi engaba yingozi kuSemenya kungenxa yokuthi uNatoya Goule waseJamacia no-Ajee Wilson bagijime izikhathi ezingahlabi umxhwele.
UGoule isikhathi esingcono asenze kulonyaka siwu-1.56.15 kanti sicishe sifane nesikaWilson yena esakhe siwu-1.56.45 njengoba umehluko kuyimizuzwana ewu-30.
Umengameli we-Athletic South Africa (ASA), * -Alec Skhosana utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi umuntu okufanele achonywe uphaphe lwegwalagwala, umqeqeshi wakhe uSepeng, okungumnewabo kaHezekial Sepeng, owathola indondo yesiliva kuma-Olympic ngo 1996. “USepeng nguyena muntu okufanele anconywe kakhulu ngenxa yokwephula kukaCaster (Semenya) wonke amarekhodi. Imisebenzi yakhe noma ebesebenza ngokulekelela uVerster ekuqeqeshi uCaster ngesikhathi efunda eNorth West University iqale ukubonakala ngaleso sikhathi. Kuthe uma uSepeng esefudukela ePitori, noCaster wamlandela okukhomba ukuthi kukhona ayekulandela kuyena.
"Njengoba uSepeng esezibambele mathupha sekuyacaca ukuthi nguyena owayenza umsebenzi yize ayengaphansi kukaVerster njengoba ephula amarekhodi ubuthaphuthaphu,” kubeka uSkhosana.
Ephawula ngamathuba kaSemenya okunqoba lomjaho uSkhosana uthe unalo ithemba lokuthi uzophinde adle umhlanganiso ngendlela amuzwe ezethemba ngayo.
“Ngesikhathi ngihlangana naye ehhotela ngimbuze ukuthi ngabe ufuna ukuwephula wonke amarekhodi, impendulo engiyitholile ithe “mengameli sesifikile isikhathi sokuthi ngenze lokho” okuyinkulumo enginikeze ithemba,”kusonga uSkhosana.
USepeng (30), ngesikhathi ethulwa ngokusemthethweni ngoMashi ukuthi sekunguyena uzololonga uSemenya wathi abakubheke kakhulu ukuphula amarekhodi.
“UCaster wangesikhathi esedlule wehluke kakhulu kunowamanje. “Useyazethemba ngokuthi ahlale phambili umjaho usuka ebhandeni. “Besisebenza kakhulu ekutheni abe nomzimba olula ukuze akwazi ukugijima ibanga eliwu-1 500m.
“Njalo ekuseni kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu sigijma ibanga eliwu-6km.”
Uthi sikhathini esiphambili ubengingaphansi kohlelo lukaJean Verster kusukela ngo 2015.
“Manje sekuyisikhathi sami sengizibambele mathupha,” kusonga uSepeng kwiPressReader.