ABADLALI bebhola abangagxishwa ngebhola kuphela kodwa kufanele bafundiswe ngokuziphatha nangokunye okuningi okuhlangene nempilo nokuzinakekela.
Lena yinkulumo ka-Arthur “10111” Zwane, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC), nakwiMultiChoice Diski Shield (MDS).
Ubekhuluma kanjena ebhodla emswaneni ngokudlula emhlabeni kukaSinethemba Jantjie obengumdlali weFree State Stars, oshone engozini yemoto emasontweni ambalwa edlule.
Ngokusho kukaZwane, ingozi yemoto ingehlela noma ngubani, kepha ukushona kwabadlali muva nje ngendlela efanayo kukhombisa ngokusobala ukuthi kunesidingo esikhulu sokuthi abaphathi bebhola bangenelele ngokubafundisa ukuziphatha empilweni.
UZwane ungomunye wabadlali abangadumanga ngezinto ezibheke eceleni kwaze kwaba uwagaxa emgibeni amakhokho. Udlale ibhola elikhokhelayo iminyaka ebalelwa kwengu-20. Udlalele i-Orlando Pirates, Jomo Cosmos, Santos, AmaZulu, Tembisa Classic neChiefs ayidlalele iminyaka eyishumi.
“Ngicabanga ukuthi iphutha esilenzayo eNingizimu Afrika ukuthi sigxisha kuphela ibhola kulaba bafana, singabafundisi ngokuziphatha nokuzinakekela empilweni. Ngalokhu angisho ukuthi laba abadlulile emhlabeni bebengaziphathi kahle ngoba ingozi ingehlela noma ngubani. Eminyakeni emibili edlule, nami ngaba sengozini yemoto ngihamba nonkosikazi wami nomfowethu. Ngenhlanhla sasinda kodwa imoto yaphela nya ngoba sashayiswa imoto eyasuka kwelinye isayidi yangqubuza eyami ngaphambili. Sidinga ukuzama ukusiza abadlali ukuba baphile impilo elula, bangaphili impilo ezobaxaka,” usho kanje uZwane.
Phakathi kwabadlali asebedlule emhlabeni ezingozini zomgwaqo singabala uLesley Manyathela, Gift Leremi, Sinethemba Jantjie, Mondli Cele, Mlondi Dlamini, Richard Henyekane, Cecil Lolo ukusho abambalwa.
Iningi lalezi zingozi zenzeka ezintathakusa.
“Kufanele abadlali bethu bafunde ukuhlonipha impilo ngoba phela siphila kanye lapha emhlabeni. Ukukhuluma nje iqiniso sekuyisikhathi sokuthi sivuke emaqandeni njengesizwe, kube khona esikwenzayo ukusiza abadlali bethu ngoba bayaphela nya. Akumnandi nhlobo ukuvuka ekuseni ngezindaba zokushona kwabadlali,” usho kanje uZwane.
I-Premier Soccer League isanda kumemezela ukuthi izoba nohlelo lwezincwadi zokushayela ezikhethekile ezizosiza kule nkinga yokushona kwabadlali ezingozini zomgwaqo.