AKENEME ngokuphunyuka kwe-Orlando Pirates umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, ezakhe ezigcine ziphume nephuzu sezithembile.
IChiefs idlale ngokulingana ngo 1-1 nePirates emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo.
IChiefs kade ibekwe phambili nguDaniel Cardoso ngephenathi kodwa wakucisha konke lokho uThembinkosi Lorch sekusele imizuzu engu-10 kuphele umdlalo. Amakhosi iwona abekade edlala kangcono kunePirates futhi namathuba amaningi okushaya amagoli awele wona kodwa ahluleka ukuwasebenzisa.
Lo mphumela uchaza ukuqhubeka kwerekhodi lePirates lokungahlulwa yiChiefs kwazise selokhu yagcina ngo-2014.
UMiddendorp uthe nakuba ejabule ngendlela abadlali bakhe abadlale ngayo kodwa kunzima ukwamukela umphumela waphinde wakhala ngabadlali abangekho.
Lo mqeqeshi, ngaphambi komdlalo ubengafuni ukuyizwa eyokubalelwa abadlali abangekho, ethi kufana nenhlamba kulabo abadlala ezindaweni zabo.
“Besihamba phambili ngo 1-0, emizuzwini elandele lapho iPirates kade isadidekile. Bekufanele sishaye elinye igoli. Bekufanele silwele ukuthola elinye igoli. Ngokomdlalo, wonke ngingathi angijabule ngalo mphumela. Ngikholwa wukuthi kulezi zinyanga ezimbili ngisebenza nabadlali nsuku zonke, nokuthi bathathu kuphela abadlale nePirates kodlule, kuyinto enkulu futhi siyibambe kahle ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Ukuba sikwenze siphindelela besizoba nethuba lokuwina,” kusho uMiddendorp.
“Kodwa ekugcineni ngiyabancoma abadlali. Abanye benze kahle, abanye basengenza kangcono. Sizolungisa. Kodwa ngiphoxekile ngomphumela. Sisebenza kahle nabadlali, sisenze kahle kuze kube yimanje kulesi sikhathi esifushane phezu kwezinqinamba esinazo eqenjini. Akufani nokuthi ufaka iqembu elidlale ndawonye imidlalo yeligi noma yeChampions League. Lokho kufanele kubhekisiswe. Abadlali abafana noLebo Manyama bekuzoba mnandi ukuba nabo. Kodwa akusenani, sesibheke emdlalweni olandelayo.”
Nakuba uMiddendorp efike noshintsho olubonakalayo eNaturena kodwa ayikagudluki ingcindezi yokuwina indebe kuleli qembu. Abaqeqeshi ababili uSteve Komphela noGiovani Solinas bahlulekile ukujabulisa abalandeli. UMiddendorp ukholwa wukuthi abadlali kufanele ngabe sebeyayiqonda indlela okufanele izinto zenzeke ngayo.
“Uma sibheka yonke imidlalo esihluleke ukuyiwina, siqhathanisa nalona wePirates, sangahlulwa. Lapha sidlale neqembu elikwiChampions League elingadlulela kowandulela owamanqamu nangaphezulu. Sibonile idlala ne-Esperance yaseTunisia. Uma sihambe phambili sibhekene neqembu elifana naleli (kusho okuthize). Ngikuzwakalisile ukuphoxeka kwami, kodwa hhayi ngendlela esidlale ngayo nesibhekane ngayo nomdlalo. Sibhekene neSundowns neCape Town City, bekufanele siwine. Uma sikhuluma ngokwenzeke emdlalweni, ngimangele ngezinqumo lapha nalaphaya kodwa kulungile, kuyenzeka,” kusho uMiddendorp.
Imiphumela ye-Absa Premiership:
Lamontville Golden Arrows 2 - 3 SuperSport United
AmaZulu FC 1 - 0 Cape Town City FC
Free State Stars 0 - 2 Chippa United
Highlands Park 2 - 1 Bidvest Wits
Kaizer Chiefs 1 - 1 Orlando Pirates
Maritzburg United 3 - 1 Polokwane City
Baroka FC 2 - 2 Bloemfontein Celtic