AMAZULU asephumele obala ngathi yimibiko engekho elokhu iqhamuka emithonjeni yabezindaba ethi kunamaqembu acathamela abadlali bawo nathi awaxakekile ngasezimali ngakho akekho umdlali azomthengisa.
UQedisuzi “Ngudlamahlathi” Dlamini, utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi bayabona emithonjeni yabezindaba ukuthi kukhona amaqembu akhuluma ngabadlali babo okuyinto abangayigqizi qakala ngoba akukho mdlali bamdedela njengoba ebumba kabusha iqembu abafuna libalwe namakhulu kwiPSL (Premier Soccer League).
“Namhlanje ngifuna kucacele kunoma ngubani ukuthi akekho umdlali esimthengisayo nokuthi alikho nelilodwa iqembu eselike lakhuluma nathi nanoma yingamuphi umdlali.
“Konke esikuzwayo nesikubonayo kuqhamuka nabezindaba.
“Nokho asimangali ngoba siyazi kukhona eminye imithombo yezindaba ehlalele ukuthengisa abadlali bamanye amaqembu,” kusho uDlamini.
Uthi bangakwenza kanjani ukuthi bathengise abadlali ekubeni besimkhankasweni wokuhlanganisa iqembu elizokwazi ukuphonsela amanye inselelo.
“Ngeke kwenzeke ukuthi sithi sakha iqembu elizodlalela ukunqoba izicoco kodwa ngakolunye uhlangothi sibe sithengisa.
“Bonke abadlali bethu bazohlala eqenjini kuze kube kuphela izivumelwano zabo.
“Kungethi umdlali engakakufezi esimlandele khona bese sithi siyamthengisa,” kuchaza uDlamini.
Ngesonto eledlule uTade igama lakhe livela ohleni lwabadlali abahlanu okuthiwa bafunwa yi-Orlando Pirates njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Labadlali ngoSimbarashe Chinani (unozinti weDynamos FC yaseZimbabwe), Tshepo Rikhotso (Bleomfontein Celtic), Tade (AmaZulu), Craig Martin (Cape Town City), noKarabo Tshepe (Black Leopards).
Omunye umdlali okuthiwa imenenja yakhe ibifuna ukumthengisela elinye iqembu elikhulu laseGauteng, nguButholwezwe “Home Affars” Ncube.
“Kanjalo nakulomdlali abakhohlwe. Thina singakhuluma ngomdlali uma kuthiwa ufunwa yiqembu laphesheya kwezilwandle. Okuhle wukuthi uButho (Butholezwe Ncube) usanda ngoDisemba kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu, ngakho asinalo noluncane uvalo,” kuqhuba uDlamini.