Ezemidlalo

Kululekwa abeZinyoni ukuzinuka amakhwapha

Sibusiso Mdlalose|Published

USIHLALO weSwallows FC, uDavid Mogashoa, nakuba engandi ngamazwi kodwa uyavuma ukuthi kuzomele bahlale phansi beyisigungu esiphethe iqembu, bazinuke amakhwapha ngenxoso yokuthola lapho bephambuke khona okuholele ekutheni iqembu liphume ngembobo yenalithi ekudliweni yizembe Isithombe: BACKPAGEPIX

INKAKHA eyake yaba ngukapteni weMoroka Swallows, esiyiSwallows FC, uLefa Tsutsulupa, ithi kuzofanele abaphathi beqembu bazinuke amakhwapha ngokucishe kwaholela ekugawulweni kwalo yizembe, ukuze bagwema ukuzithola esimweni esifanayo nangesizini ezayo.

ISwallows iputshuke ngembobo yenaliti ekugawulweni yizembe iyodlala kwiGladAfrica Championship, inqoba sekuvalwe amehlo iguqisa i-University of Pretoria ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaPSL Promotional-Relegation Play-Offs, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu.

Ephawula ngokwehlele iSwallows uthe: “Lokhu okwenzeke kwiSwallows ngesizini ephelile ngikholwa wukuthi kube yisifundo kubaphathi bayo. Okokuqala nje, kufanele bazibuze ukuthi yini eyenze ukuthi iqembu lisuke ekuqedeni kwiTop 8 ngesizini yokuqala kwiPremiership, bese ngesizini elandelayo livike izembe.

Lokho kusho ukuthi kukhona okungenzekanga ngendlela, okuyikho engicabanga ukuthi kufanele bagxile ekukulungiseni ukuze bangazitholi besesimweni esifanayo ngesizini ezayo,” kusho uTsutsulupa .

“Noma ngingazazi izinto ezenzeka kwiSwallows ngale ngemuva, kodwa kuyacaca ukuthi zikhona izinkinga iqembu elibhekane nazo ngesizini edlule.

Ngakho ngikholwa wukuthi abaphathi beqembu kuzofanele bazinuke amakhwapha ngembangela yokubheda kwezinto ngesizini edlule, bazibophezele ekulungiseni amaphutha abe khona.

Yilokho nje engingakusho. Angithandi ukungena ekutheni kufanele baxoshe bani, baqashe bani, nokuthi basayinise baphi abadlali.

Kodwa lona iqiniso limile nje, ngelokuthi kufanele iqembu lenze izinguquko ezinqala ngasohlangothini lwabadlali, ukuze lizokwazi ukumelana nezinselelo zangesizini ezayo,” kuqhuba uTsutsulupa.

Leli qembu laseSoweto elike labhekana nenkinga yabadlali abebekhala ngokungaholelwa izikhawu eziningana, kuholele ekutheni lilahlekelwe ngabanye abadlali abamqoka nabanamava, okubalwa kubona uVuyo Mere, okubikwa ukuthi nguyena obengubhongoza ekutelekeleni amaholo eqenjini.

Omunye wabo nguTebogo Langerman, obesanda kujoyina iqembu esuka kwiMamelodi Sundowns. Ubesadlale imidlalo embalwa ngaphambi kokuba angabe esabonwa nangokhalo, njengoba egcine ukubonakala ngoDisemba nyakenye egqoke ijezi leqembu.

Khona manjalo, usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa, ongathanda ukwanda ngamazwi ethintwa yiSolezwe ngeSonto, uthe bayawavuma amaphutha abo bengabaphathi futhi bayethembisa ukuthi bazokwenza kangcono.

“Kuningi okufanele sizinuke amakhwapha ngakho ukugwema isimo iqembu elizithole likusona.

Ukusinda kwethu kumaPlay-Off, kusho ukuthi kuzofanele sihlale phansi (singabaphathi) sibheke lapho singenzanga kahle khona, siphume nesisombululo sendlela ebheke phambili, ukuze singazitholi sikhutshwa yitshe elilodwa nangesizini ezayo,” kushaya ngamafuphi uMogashoa, odabuka eNewcastle, kodwa okhule eKgwara, eLimpopo.