UMQEQESHI weBaroka, uWedson Nyirenda, ukholwa wukuthi kukhulu okusafanele kulindelwe kuThandani “Bibo” Ntshumayelo ojoyine iqembu emasontweni adlule emuva kokuqeda isigwebo sezidakamizwa.
UNtshumayelo ugwetshwe iminyaka emine ngo-2016 emuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe kwi-Orlando Pirates ngenxa yokuvuma ukuthi wayekade esebenzise izidakamizwa icocaine. Emuva kokudonsa iminyaka emibili, ucele ukuthi isigwebo sakhe sibuyekezwe. Lokhu kuholele ekutheni iphulwe eminye emibili ebikade isele.
Ngenyanga edlule uNtshumayelo, oqale wazilolonga neBidvest Wits, usayine inkontileka emfishane neBakgaga ezophela ekupheleni kwesizini ka-2018/2019. Ubekade esebhentshini ngempelasonto ngesikhathi iBaroka ihlula iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiership.
UNyirenda uthe lisekhona ibhola ezinyaweni zikaNtshumayelo.
“Ngibone umdlalo ophezulu kuyena. Ngosuku lokuqala efikile ukuzoziqeqesha ngabona okukhulu kuye. Ungumholi omuhle. Bengizicabangela nje ukuthi singabantu, siyawenza amaphutha. Bengidinga ukumbuyisa. Ngokuhamba kwesikhathi ngicabanga ukuthi uzobuyela kwiBafana Bafana. Kusekungi anakho. Siyasebenza kuye ubusuku nemini ukuthi anciphe. Usevele usenciphile, ubukeka ekahle manje. Sekusele kancane alunge.”
Iholwa nguNyirenda waseZambia owayengumgadli weChiefs, iBaroka iqophe umlando iwina indebe yokuqala. Iwine iTelkom Knockout ihlula iPirates kowamanqamu. UNyirenda ukwenze lokhu ngesizini yakhe yokuqala eqeqesha kwiPremiership. Nakuba umlando umile kodwa ubhekene nenselelo yokuvikisa izembe iBakgaga etabalasa endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu awu-24 emuva kwemidlalo ewu-25.
Emidlalweni eyisihlanu esele ezocacisa ngekusasa leBaroka kwiPremiership, izobhekana neMamelodi Sundowns (Ephreli 20), Free State Stars (Ephreli 24), AmaZulu (Ephreli 28), Bidvest Wits (Meyi 4), neMaritzburg United (Meyi 11).
“Kufanele sibhekane nomdlalo ngamunye. Siphoxekile phambilini. Sidlala kahle namuhla kodwa ngakusasa sibuya singenye into. Akusekho ukugxilisa imiqondo. Kufanele sisebenze kakhulu kukho. Sidlala nelinye iqembu elikhulu iSundowns ngakho sidinga ukugxilisa imiqondo yethu kakhulu siqine. Uma siziqeqesha sizobhekana neqembu elikhulu wonke umuntu wenza izinto ngaphandle kokukhunjuzwa. Benza izinto ongazazi ukuthi bayakwazi ukuzenza.,” kusho uNyirenda.
“Kodwa uma sidlala namaqembu amancane kuba khona ukuzithwala. Yilokho okusibeke lapho esikhona manje. Emuva kokuwina iTelkom sidlale emuva kwezinsuku ezimbili neSundowns e-Atteridgeville, sacishe sawina. Sadlala ekhaya nePolokwane sahlulwa ngo 2-0. Uyichaza kanjani into enjalo? Wukuzithwala ngoba sacabanga ukuthi sesibakhulu.”