UNOZINTI weKaizer Chiefs odabuka kwelaseRwanda, uFiacre Ntwari, obukeka esengcupheni yokudedelwa yileli qembu yize isasalelwe yiminyaka inkontileka yakhe
Image: BACKPAGEPIX
PHEZU kokuba iKaizer Chiefs ihlalelwe yijoka lokunquma ngenqwaba yabadlali abaphelelwa yizinkontileka, kufanele ukuba iseqhulwini ekanozinti waseRwanda, uFiacre Ntwari, okungenzeka agudluzwe ukuze kuzovuleka isikhala somgadli wangaphandle ogaqelwe yileli qembu.
Lo nozinti oneminyaka engu-25 , owafika kwiChiefs ngoJulayi ka-2024 esuka kwiTS Galaxy, udlalele amahlandla ayisikhombisa kuyona yonke imiqhudelwano ngesizini ka-2024/2025, wangenelwa amagoli angu-11.
Ukugejwa yisikimu kukaNtwari sekuze kwasukumisa umqeqeshi wakhe eqenjini lesizwe, u-Adel Amrouche, osemhlohla ukuba ashiye kwiChiefs.
Isizini iqale kubukeka sengathi uNtwari owayesayine inkontileka yeminyaka emine neChiefs, usenhliziyweni yomqeqeshi, uNasreddine Nabi, kodwa lokhu kushintshile ngesikhathi lo nozinti elimala eseqenjini lesizwe.
Lokhu kunike uBruce Bvuma ithuba lokukhonya esikimini kwaze kwaba naye uyashintshwa kungalindelekile emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup lapho kwadlala khona uBrendon Petersen.
Nakuba ijezi belimeqa ekhona kwiChiefs kodwa uNtwari ngomunye wabadlali abamqoka eqenjini lesizwe laseRwanda eliseqoqweni elilodwa neBafana Bafana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo.
“Angazi ukuthi uNabi ubuka kanjani ngoba uNtwari unakho konke, kusukela ekuhleleni udonga lwasemuva kuya ekulwenzeni ukuthi ludlale lukhululeke ngokwazi ukuthi ukhona futhi akatatazeli uma ibhola liza ezinyaweni,” kusho u-Amrouche ethimbeni labezindaba likasoseshini waseRwanda muva nje.
Kule nkulumo ka-Amrouche kuvele nokuthi uNtwari unamaqembu aseFrance amfunayo yingakho kuzosiza yena neqembu lesizwe ukushiya kwiChiefs ngokubona kwalo mqeqeshi.
Baningi abadlali abaphelelwe yizinkontileka kwiChiefs kodwa uNtwari akekho kubona.
Ukweqiwa yijezi kukaNtwari ekhona kunganika iChiefs umqondo wokuvula ngaye indawo yomdlali wangaphandle njengoba kungafihliwe ukuthi ishela uFiston Mayele wePyramids FC yase-Egypt. Abadlali ababhaliswe njengabangaphandle kwiChiefs ngu-Inacio Miguel, Glody Lilepo, Christain Saile no-Edson Castilo.
Ngesikhathi uMayele eseMzansi ngempelasonto edlule ukuvumile ukuthi useke wakhuluma noNabi kodwa akazange athande ukugxila kuleyo nkulumo athi yenzeka ngoDisemba.
“Mina noNabi sazana kusukela kudala ngakho-ke ngingakuqinisekisa ukuthi useke wangithinta ngekusasa lami kodwa okwamanje umqondo wami usabheke owamanqamu weChampions League neMamelodi (Sundowns),” kusho uMayele eLoftus Versfeld ngeledlule.
Nakuba kungakaqinisekiswa kodwa u-Edmilson Dove, Njabulo Blom, George Matlou no-Edson Castillo babukeka bezovuselela izinkontileka yize kungakacaci ngoYusuf Maart, Mduduzi Shabalala, Reeve Frostler noRanga Chivaviro.