UMQEQESHI weMaritzburg United, u-Eric Tinkler, akakungabazi ukuthi kukhona abazokuthola emdlalweni wabo we-Absa Premiership abazowudlala neMamelodi Sundowns namuhla eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Umdlalo uzoqala ngo-7.30 ebusuku.
UTinkler uthe okumenza aqine idolo (nakuba ebhekene neqembu elidlala ingcwenga yebhola) wukuthi ezakhe zidlala kahle ekhaya okufakazelwa wukuqoqa amaphuzu ayisithupha selokhu uTinkler ethathe izintambo.
Ngokusho kukaTinkler, oke wapheka iCape Town City, SuperSport United, Orlando Pirates neChippa United, ezakhe azinayo inkinga yokudlala ekhaya selokhu yena afika. Inkinga anayo wukuthi ekuhambeni ezakhe azikatholi nelilodwa iphuzu selokhu efikile.
Ziya kulo mdlalo ziphuma esibhaxwini sika 1-0 zishaywa yiKaizer Chiefs eFNB Stadium koweligi ngempelasonto. Ngakolunye uhlangothi iSundowns izidlele amahlanga ishaya iLobi Stars ngo 3-0 emdlalweni weCAF Champions League obuseLoftus Versfeld.
“Silindele ukuthi iSundowns isinike umdlalo onzima ngenxa yokuthi ifuna amaphuzu aphelele ngoba ijaha isicoco seligi. Kodwa-ke nathi silwela ukusuka emsileni ngakho sifuna amaphuzu. Okunginika ithemba wukuthi sithole amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili esisanda kuyidlala ekhaya nePolokwane City naMaZulu. Emidlalweni yasekhaya senza kahle, inkinga iba sekuhambeni ngoba asikalitholi iphuzu kuze kube manje,” kulandisa uTinkler.
Uthe okubalukile kwezakhe wukuthi zizame ukuvala igebe lamaphuzu emaqenjini avika izembe.
“Kasifuni ukuthi igebe lilokhu livuleka. Kumele samukele noma yini ezoqiniseka ukuthi igebe liya ngokuya livaleka, ngaleyo ndlela namaqembu angenhla kwethu azozwela ingcindezi. Okunye esikubeke emqondweni wukuthi sisazodlala nawo la maqembu ekuhambeni okuyiBlack Leopards neBaroka FC. Yingakho ngithi kubalulekile ukuthi siqale ukuthola amaphuzu emidlalweni yasekuhambeni,” kusho uTinkler.
I-Team Of Choice igqemeke ingozi ngenxa yokuthi injini yayo, uSiphesihle “Mbesuma” Ndlovu, izobe ingekho emdlalweni wabo namaBrazilians ngenxa yamakhadi amane aphuzi.
Akuyena yedwa njengoba noMiguel Timm oyibamba esiswini uzobe engekho ngenxa yesigwebo samakhadi.
Emlenzeni wokuqala owadlalelwa ePitoli, iSundowns inqobe ngo 1-0 wegoli likaHlompho Kekana ngoJanuwari 16.