BAVUMELENE ngokuntuleka kwabagadli abakhaliphile i-Afrika yonke abaqeqeshi, uStuart Baxter weBafana Bafana no-Adel Amrouche weLibya, abadlale ngokulingana emdlalweni wokuhlungela i-2019 Africa Cup of Nations ocike izinkumbi zabalandeli ebezidele imvula namakhaza zanikela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama.
Kuqale u-Amrouche waseBelgium, exolisela uBaxter ngokuthi iBafana ingalitholi igoli evika ngokuthi: “Phambilini besazi ukuthi kukhona uWeah (George), uMiller (Roger) nabanye. Manje siyaqalaza. UGrobler (Bradley) wumgadli omuhle, ngimbonile kwiligi.”
UBaxter naye ukhale esifanayo ebuzwa ngokuyeka ithuba lokuqhwakela kuGroup E wathi: “Uma ngingabeka abaqeqeshi abangu-10 la, banganginika isikimu esihlukile bonke. Kuzofanele sibuyele ebhodini silungiselele iqembu elihlukile kwiSeychelles, sizame ukucindezela, sithole umphumela.”
IBafana iye kulo mdlalo yethembise ukuthi iyogeza igama kwazise sekunesikhathi yenzela isizwe phansi. Kuzokhumbuleka ukuthi igcina ukudlala eMoses Mabhida yanenebulwa yiCape Verde nokwaholela ekuhlulekeni ukuya eRussia kwi-2018 Fifa World Cup.
Nokho izolo iBafana isheshe yakhombisa izimpawu zokuqhubeka lapho yagcina khona esikhundleni sokwenza ebikuthembisile.
Itumeleng Khune lowo owalile ezintini kungenjalo bekuzophela imizuzu engu-30 isinamagoli amane iLibya.
Bekusaphele eyisithupha uKhune evimba ibhola elibi elikhahlelwe nguRabia Ramadan Alshadi.
Ngomzuzu ka-15 nguye othiye iLibya yashaya ipali.
Ngoka-25 uvimbe ibhola lika-Ali Ali Mohamed, obezitamuzela nje ibhola kubadlali abafishanyana baseMzansi.
Ngomzuzu ka-26 uvimbe ibhola likaHamdou Elhouni.
Kwenzeka konke lokhu nje iBafana ngenxa yokuthi iqembu likaBaxter limangaze abaningi liqala indlela ebheke kwi-2019 Afcon ngokunenebula ngo 2-0 iNigeria ekuhambeni nyakenye.
Yize kunabadlali obasindile umdlalo njengoSibusiso Vilakazi, obexukuza isisu noDean Furman noKamohelo Mokotjo kodwa konke ukukhuluma kuzobuya ngoBaxter.
Kuzokhumbuleka ukuthi uvele unyamanambana kusukela ehluleke ukuya eRussia kanti usenze sanzima naye isimo eqasha indodana yakhe, uLee, ukuba azoqeqesha onozinti.
Umdlalo weBafana olandelayo useVictoria lapho izohlasela khona amathofi kaGroup E, iSeychelles. Komunye umdlalo kaGroup E obuyizolo iNigeria ibhaxabule iSeychelles ngo 3-0.