UYALELWE “ukuyolungisa umsamo” uMark “Professor” Mayambela osephenduke umantuntanendishi kusukela echithwe yiChippa United ekupheleni kwesizini edlule.
UMayambela ngomunye wabadlali abadlala ibhola elinomjiko elithokozelwa yiningi ebholeni laseMzansi. Kodwa kuze kube manje alikho iqembu elifuna ukuzihlanganisa naye. Ngaphambi kokuqala kwesizini kuvele ukuthi useqede konke neLamontville Golden Arrows kodwa kwabuya kwashabalala konke lokho. Kumanje uziqeqesha neHighlands Park kodwa akukho okubambekayo mayelana nenkontileka.
Umqeqeshi weHighlands, u-Owen da Gama, uthe umtshelile uMayambela njengomqeqeshi nanjengobaba ukuthi akabheke umsamo wakhe ngendlela izinto zakhe ezibhidlika ngayo.
“Ngimqeqeshile uMark kwiCeltic. Ngesikhathi ngifika khona wayengadlali. Ngesikhathi ngimqeqesha waba nesizini ewadlula wonke. Yilapho iPirates yamthenga khona. Kukhona okungahambi kahle ngoMark, okuthile ngempilo yakhe. Njengobaba ngimbonisile. Kimina akusikhona kuphela ukuba umqeqeshi, kufanele ubekhona empilweni yakhe. Ngimyalile njengobaba ukuthi aphindele ekhaya ahlale phansi nomndeni athandaze abone ukuthi yini engenziwa ngempilo yakhe ngoba ngicabanga ukuthi udinga inhlanhla. Ungumdlali osezingeni eliphezulu ngiyakwazi angakwenza. Kufanele alungise umqondo wakhe, alungise impilo yakhe,” kusho uDa Gama.
UMayambela uchithwe kwiPirates ngo-2013 eyintandokazi yabalandeli kodwa enuka iqaqa kubaqeqeshi. Emuva kwalokho uwelele phesheya kwezilwandle, wadlala imidlalo embalwa kodwa kwaphelela emoyeni konke lokho. KwiChippa uchithwe esengukaputeni. Ubefuna ukubuyela kwiCeltic kodwa waxakwa yinkemane edla lubi kwiPhuya Selesele kwazise abadlali babuye bengaholi.
“Kufanele alungise noma ngabe yini lena engalungile empilweni yakhe ngokwesintu. Uyazi ukuthi ngichaza ukuthini. Mhlampe khona ongajabule ekhaya. Mhlampe umndeni awujabule ngezinto ezithize. Yikho ngithe akayohlala phansi noyise, unina nomalume wakhe nomndeni wakhe wonke azame ukuthola ukuthi yini lena okufanele yenziwe," kusho uDa Gama.