KUPHAZAMISEKE izinhlelo zomqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, ngesikhathi kuhoxa abadlali abathathu esikwatini abesimemezele ngesonto eledlule esizobhekana neLibya emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngempelasonto.
Lo mdlalo, ongowesibili kuGroup E, useMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Izolo esithangamini nabezindaba uBaxter uveze ukuthi uHlompho Kekana (onenkinga ethangeni), Themba Zwane (ophuke uzwane) noBongani Zungu (olimale edolweni eFrance) ngeke besafika ekhempini izindawo zabo zizovalwa ngoTiyani Mabunda, Vincent Pule no-Aubrey Modiba.
Abanye abadlali abanenkinga ukaputeni weSuperSport United, uDean Furman nomgadli uBradley Grobler nabo abalimele kodwa ngeke babuyiselwe emuva ngoba udokotela weBafana uthe ubona engathi bazobe sebeluleme kusasa (esho namuhla).
Omunye umdlali waphesheya ongafikanga ekhempini izolo umgadli uLebo Mothiba. UBaxter uzwakalise ukungenami kwakhe ngendlela elenze ngayo iqembu likaMothiba osayine ngoLwesihlanu kuStrasbourg yaseFrance. Lo mqeqeshi uthe ulindele umbiko ogcwele ngokulimala kwalo mgadli athi uzwe ngakho etshelwa umabhalane waleli qembu hhayi udokotela.
“Ngifuna umbiko ogcwele bese kuba yima ngibona ukuthi kufanele yini ukuthi sivalwe isikhala salo mgadli. Uma kwenzeka kuzoba wumgadli okhona la ekhaya ngoba odlala ngaphandle uzofika umdlalo usuphelile,” usho kanje uBaxter. Izolo ePrincess Magogo Stadium ujimise abadlali abangu-12 kuphela.