KUHOXE ngezizathu ezahlukene abasubathi bakuleli bezinga eliphezulu kwiNew York City Marathon nakwiShangai International Marathon okuyimijaho engaphansi kwe-IAA Gold Label egijinywa njalo ngoNovemba.
UStephen Mokoka oseyinqobe amahlandla amahlanu iShangai Marathon yaseChina wazise leli phephandaba ukuthi nakuba ebese esitholile isimemo sokuya kulo
mjaho kodwa akalubhadi, uzogijima iSanlam Cape Town Marathon
engoSepthemba 23 khona eKapa.
Uveza lezi zindaba nje, uyena ozihola phambili kwiShangai Marathon ngokuyinqoba kaningi. Uzibule ngomgqomo wenkomishi yayo
ngo-2013 eshaya intambo ngesikhathi esingu-2:09:29.
Ukuphindile lokho ngo-2014
enyusa izinga ngesiwu-2:08:43.
Ngo-2016 unqobe ngesiwu-2:10:18 kwathi nyakenye wenza esihle esiwu-2:08:35.
UMokoka ogijimela iBoxer Athletic Club uveze ukuthi isizathu esidale ukuthi kulo nyaka angalubeki eChina ukuthi ufuna ukwandisa izindondo azinqoba emijahweni engaphansi
kwe-IAAF Gold Label.
“ Isifiso sami esikhulu ukubhincisela nxanye abagijimi bangaphandle abahlale bezenzela kwiCape Town Marathon. Ngifuna nokwandisa izindondo zemijaho ehlonishwayo emhlabeni. Okungithokozisayo wukuthi namalungiselelo ahamba kahle,” kubeka uMokoka.
Sekungumlando ukuthi kwiCape Town Marathon yanyakenye intambo iphinde yashaywa * -Asefa Menstu wase-Ethiopia ngesikhathi esingu-2:10:01.
Ngo-2016 wayephule irekhodi ngesingu-2:08:41. Nyakenye kwabesifazane kukhonye uBetelhem Moges wasezweni elifanayo.
Ngakolunye uhlangothi
uLusapho April wase-Eastern Cape owazakhela udumo enqoba iHannover Marathon yaseGermany ngo-2011, 2013 nango-2014 uthi wukulimala okudale ukuthi angalubhadi eGermany.
Uveze ukuthi ukulimala kwamqala emaphakathi nomzila weBoston Marathon ebigijinywa ekuqaleni
kwalo nyaka. Kulo mjaho ongaphansi kwe-IAAG Gold Label, * -April akaqedanga njengoba aphuma emzileni sekusele * -25km kufikwe entanjeni.
Uveze nokuthi lokhu kulimala kuphinde kwaqhubeka ngesikhathi ezilolonga ngoMeyi.
Lo msubathi uzakhele udumo kwiNew York City Marathon ngawo * -2013 elala indawo yesithathu ngesikhathi esingu-2:09:45. Eyokuqala yagcina ithathwe uGeoffery Mutai waseKenya, kweyesibili kwangena uTsegaye Kebede wase-Ethiopia.
“Lokhu kudonseka komsipha emlenzeni kuzibulele zonke izinhlelo zami zakulo nyaka.
“Ukugijima selokhu ngakugcina ngo-Ephreli ngisubatha kwiBoston Marathon. Bekuyisifiso sami
ukuya kwiNew York City Marathon kodwa ngenxa yalesi simo kangizuphumelela. Nokho ngiyalulama, sengiqalile ukuzilolonga kancane,” kubeka * -April obemele elakuleli kuma-Olympics abengo-2012 eLondon nango-2016 eRio de Janeiro, eBrazil.
UMokoka ukhuluma
ngokuhamba kahle kwamalungiselelo nje, kwiFNB Cape Town 12 OneRun okulungiselelwa ngayo iCape Town Marathon ube ngowokuqala ukungena kwitop 10 kwabakuleli. Ulale indawo yesi-9 ngesikhathi esingu-37:17. Omunye wakuleli ongene kwitop 10 uJoel Mmone owenze isikhathi esingu 34:35.
Kulo mjaho wamalungiselelo kukhonye abaseKenya. Oshaye intambo uMorris Gachaga ngesikhathi esingu-33:42, isibili kwaba uVictor Chumo bese kweyesithathu kwangena uJohn Langat.
Emasontweni edlule uMokoka uphinde wajabulisa evikela indondo yakhe kuma-ASA Half Marathon Championships ebesePort Elizabeth, e-Eastern Cape. Ushaye intambo ngesikhathi esiwu-1:01:44. Nyakenye wayenqobe ngesiwu-1:0121.