IBHANTSHI ligcwale umoya kumqeqeshi weKaizer Chiefs uGiovani Solinas obephikwa yimiphumela kuleli qembu.
IChiefs imemezele lezi zindaba ekhasini layo kuTwitter kanti iveze ukuthi noyiPhini lakhe uPatrick Mabedi ukhonjwe indlela.
“IKaizer Chiefs noGiovani Solinas bavumelene ngokunqanyulwa kwenkontileka yakhe njengamanje. Simufisela okuhle,” kusho isitatimende esikhishwe yiChiefs.
Breaking News! Kaizer Chiefs terminate Solinas’ contract.
Kaizer Chiefs and coach Giovanni Solinas have mutually agreed to an amicable termination of his contract with immediate effect.
We wish him well. #Amakhosi4Life pic.twitter.com/kaiVkPXLWL
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) December 7, 2018
Leli qembu laseSoweto lixosha lomqeqeshi nje ibilokhu yande njalo ingcindezi ebivela kubalandeli ukuthi akhululwe ngoba bengaboni ukuthi ulisaphi iqembu.
Kamuva nje usanda kutitinywa yi-Orlando Pirates emdlalweni oncishe iChiefs ithuba lokuzibekisela indawo kowamanqamu kwiTelkom Knockout.
Breaking News!
Assistant coach Patrick Mabedi’s contract has also been terminated.
We would like to express our gratitude to him for all the efforts during his time at Kaizer Chiefs and wish him well. #Amakhosi4Life pic.twitter.com/0o9t0m5M6D
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) December 7, 2018
Yize iChiefs inqobe kalula kwiCAF Confederation Cup lapho ishaye khona iZimamoto yaseZanzibar, ihluleke yancama ukuqhubeka lapho ibigcine khona ishaywa yi-Arrows ebingasaphelele ngo 2-1.
Emidlalweni ewu-14 yeligi, iChiefs isishaywe kane. Idlale ngokulingana kweyisithupha yase inqoba emine okuyishiya endaweni yesikhombisa kwi-log.
IChiefs izobhekana neSupersport United,Mamelodi Sundowns, Bidvest Wits, AmaZulu neCape Town City FC.
Kubaqeqeshi abamataniswa naleli qembu kubalwa noRuud Krol owake washaya into ecokeme eqeqesha i-Orlando Pirates.