KUGXEKWA abalandeli beKaizer Chiefs abahhewule kabi unozinti wayo uVirgil Vries, ngesikhathi leli qembu libhekene neThe Magic FC emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eBhayi, ngempelasonto edlule.
UVries ubekade esebhentshini ngesikhathi esukuma eyoviva sekulimele uBruce Bvuma oqale umdlalo.
Lo nozinti waseNamibia unyamanambana kubalandeli ngemuva kokwenza amaphutha adlise leli qembu bedlala neMamelodi Sundowns neCape Town City kweyeligi.
Kusukela emdlalweni weCity akabange esavimba njengoba umqeqeshi u-Ernst Middendorp ebophele uDaniel Akpeyi ofikayo kade bedlala ne-Orlando Pirates.
UVina Maphosa okhulumela iChiefs uthe bayakugxeka ukuhlukunyezwa kwabadlali.
“Ukuxwayisa abalandeli ngokuziphatha asikwenzi ngenxa yalokhu okwehlele uVries kodwa sihlezi sibakhuthaza abalandeli ngokuziphatha kahle. Siyakuqonda ukuthi banemizwa futhi banalo ilungelo lokuyiveza kodwa hhayi ngendlela yokudelela umdlali.
Abadlali nabo bayadinga ukuhlonishwa. Siyakugxeka ukuziphatha okuhlukumeza abadlali futhi siyakuqonda ukuthi akusibona bonke abalandeli abenza lokhu,” kusho uMaphosa.
Ebuzwa uMiddendorp ngokwenzeke kuVries uthe wethemba ukuthi uzokwazi ukumelana nalesi simo.
“Abalandeli bayayiveza imizwa yabo ayikho into embi ngalokho. Njengomdlali osezingeni elikhokhelayo kumele ukwazi ukubhekana nalezi zimo. Uma wenza kahle abalandeli bazokuveza lokho kanjalo noma ungenzi kahle. Samletha eqenjini ngesizathu sokuthi abe khona uma kukhona olimalayo. Uvimbela iqembu lesizwe (iNamibia). Okwenzekayo akumele kumethuse. Ubenayo imidlalo emibi kodwa kumele azithintithe okungenzeka kumthathe izinyanga,” kusho uMiddendorp.
UVries, othole ithuba lokuvimba kulimala u-Itumeleng Khune, kungenzeka angabikhona ebhentshini uma sebedlala nePolokwane City ngoMgqibelo kowe-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium ngo-3.30 ntambama.
U-Akpeyi uzobuyela kubadlali okuzoqokwa kubo isikwati esizodlala ngemuva kokuphuthwa wumdlalo weNedbank ngenxa yokuthi ufike kwiChiefs eseke wawudlala lo mqhudelwano neChippa United kule sizini. IChiefs, engemuva ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emaqenjini aqhwakele kwi-log, izoya ePolokwane izimisele ngokubuyisa izinduku.
Egcina ukuhlangana la maqembu kwiligi, iRise and Shine yadlula ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium eyayingenabalandeli.