UNCOME ozakwabo ngokungadikibali ngisho kunzima ngesikhathi bebhekene neClermont Auvergne kowandulela owamanqamu eChallenge Cup umdlali weHollywoodbets Sharks, uSiya Masuku.
Iqembu laseFrance belihamba phambili ngo 28-18 ngesikhathi kuyiwa ekhefini, laphinde lanweba igebe laba ngu-31-18 ekuqaleni kwesiwombe sesibili kulo mdlalo obuseTwickenham Stoop eLondon, ngoMgqibelo ntambama.
Nokho, iSharks ibuye umdlalo usuyophela ngokushaya ama-try amabili yawunqoba ngo 32-31.
Kulo mdlalo iSharks ilingise indlela amaBhokobhoko anqoba ngayo imidlalo yawo yomkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba nyakenye, njengoba kudingeke ukuthi ivale emuva ngemizuzu yokugcina ngaphambi kokunqoba ngephuzu elilodwa.
“Iqembu likhombise ukulwa. Bekungenzeka ukuthi sivele silahle ithemba kodwa saqhubeka nokulwa, sakwazi ukubuya,” kusho uMasuku.
“Ngicabanga ukuthi iqembu lisesimweni esihle manje. Sesiyaqala ukudlala kahle ndawonye, silwa ndawonye futhi yilokho esikufunayo. Sekumele sibuyele ekhaya manje siqhubeke nokulwa, siqhubeke nale ndlela esikuyona. Sonke sicabanga okufanayo.
“Konke engikwenzayo ngikwenzela iqembu futhi lokhu kusho lukhulu kithina.”
Umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree, naye ulincomile iqembu ngokulungisa amaphutha alo esiwombeni sesibili. Uphinde wancoma uMasuku, oqokwe njengomdlali ovelele ngokuthola amaphuzu angu-22.
Ukhahlele amaphenathi ayisithupha nama-conversion amabili, okuhlanganisa naleyo enqobise iSharks umdlalo, ayibeke phakathi ekubeni eseceleni kakhulu ngakwesokunxele.
“Abadlali bakhombise ukuqina. Ngesikhathi sekhefu sibambelele ekutheni sisele ngamaphuzu angu-10 kuphela. Sivumelene ngokuthi kufanele siqale ukudlala. Kube namazwi amahle abeqhamuka kubaholi ngabona ukuthi uma singakwazi ukulawula umdlalo singafaka izimbangi ngaphansi kwengcindezi,” kusho uPlumtree.
“Mayelana noSiya, indaba yakhe iyamangalisa. Udlale kahle emidlalweni emikhulu futhi ngiyamjabulela kakhulu. Ungumuntu ozithobile, uzizwa ehloniphekile ngokugqoka leli jezi futhi ulibambe ngazo zombili ithuba alitholile.
“Usazoba ngcono. Indlela aphasa ngayo idinga ukuthuthuka, usengathuthuka kakhulu njengomdlali. Ngimkhonzile futhi nozakwabo bayamthanda. Izinto zimhambela kahle naye uwubambe kahle umgqigqo wakhe.”
ISharks izoba eThekwini ngaphambi kokubuyela phesheya ukuyobhekana neGloucester yase-England kowamanqamu ozodlalelwa eLondon ngoMeyi 24.
IGloucester izibekisele indawo ngokushaya iqembu lase-Italy, iBenetton, ngo 40-23 komunye umdlalo owandulela owamanqamu odlalwe ngoMgqibelo.