Unozinti weKaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo useyithumele incwadi echaza ngokuthi ngeke esabuyela kuleli qembu ngesizini ezayo.
Isolezwe lihabule lezi zindaba ngesikhathi lixoxa nemenenja kaKhuzwayo, uTim Sukazi, we-Quality Talent Sports. Leli phephandaba livele selike labika ngokuthi uKhuzwayo uyashiya kuMakhosi uma kuphela isizini kodwa ubengakalazisi iqembu.
“IChiefs siyibhalele incwadi siyazisa ukuthi uBrilliant ngeke abe yingxenye yabadlali abazobe benza amalungiselelo esizini entsha. Ijezi akalitholi ngakho asikho isidingo sokuthi ahlale ekubeni engadlaliswa. IChiefs ibisafuna sixoxe kodwa sayitshela ukuthi sesisithathile isinqumo sokuthi sibe siqala sifunela uBrilliant ikhaya elisha kwenye indawo,” kusho uSukazi.
UKhuzwayo (28) ulizwa ngendaba ijezi kuMakhosi. U-Itumeleng Khune nguyena oselenze elakhe ijezi. UKhuzwayo ujoyine iChiefs ngo-2012 esuka kuMaZulu. Kwelesizwe uKhuzwayo usedlale imidlalo emine.
“Maningi amaqembu afuna uBrilliant kodwa alikho esisasayine nalo inkontileka. Akusilona iqiniso ukuthi unenkontileka yesibambiso ne-Orlando Pirates. ICape Town City ike yaphinde yasithinta kodwa hhayi ukuthi singene sajula ezingxoxweni,” kusho uSukazi.
Leli phephandaba lihabule izindaba zokuthi iMamelodi Sundowns nayo ikhona emaqenjini agaqele uKhuzwayo kwazise ayeneme ngoRazak Brimah waseGhana. ISundowns ibophele noKennedy Mweene kanti isanda kuvuselela inkontileka kaThela Ngobeni obolekiswe kwiFree State Stars.
Njengamanje uDenis Onyango (32) nguyena ogiya ezintini zeSundowns. Ngo-2016 uqokwe njengomdlali ovelele kwabadlala kumaligi ase-Afrika kulandela ukusiza iSundowns ekutheni ikhale yemuke nesicoco seCAF Champions League.
UKhuzwayo usedlale imidlalo emibili kuphela kule sizini ka-2017/2018.
Wadlala ngesikhathi iChiefs ibhekene neSuperSport United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8. Ngemuva kwalokho uphinde wayibamba ezintini Amakhosi ebambana neBloemfontein Celtic ngo 1-1 emdlalweni weligi.
Kule midlalo wadlala ngenxa yokuthi uKhune wayelimele. Abaningi bebebheke ukuthi uKomphela uzombophela uKhuzwayo emdlalweni olandelayo weqembu ngemuva kokuthi iChiefs ithelwe yiChippa United ngehlazo lika 3-0 kodwa wabuyisela uKhune leli qembu liguqisa iPlatinum Stars ngo 1-0.
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs akazange atholakale kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa izolo.