KUNOMBANGO ofufusa buthuli ngomdlali ovelele we-Absa Premiership wangesizini ka-2015/2016 uLebohang Manyama phakathi kweSuperSport United, Mamelodi Sundowns neCape Town City.
UManyama useNingizimu Afrika kulandela ukugqabula kwakhe ifindo lesivumelwano ne-Atiker Konyaspor yaseTurkey afike kuyona nyakenye esuka kwiCape Town City ngemali elinganiselwa ku-R10 million.
Akuwona la maqembu womathathu kuphela afuna lo mdlali kodwa kuseyiwona asaphumele obala.
NeKaizer Chiefs iyabalwa emaqenjini anyonyobela uManyama ofike eTurkey ethwelwe ngeqoma waze wanikwa unombolo 10 kodwa wehluleka wancama ukuzakhela igama. Ngokuthola kweSolezwe, uStan Matthews usanda kuphumela obala ngokuthi bayamthanda lo mdlali kodwa baxoshwa akufuna etafuleni.
UMaimane Phiri, okunguyena obhekene nezindaba zikaManyama, ubengalubambi ucingo lwakhe kodwa usanda kuphawula eqinisekisa ukuthi iKonyaspor isimnikile (uManyama) iphepha elimkhululayo.
“Akusona isikhathi esikahle sokukhuluma lesi. Asikazi noma uzoqhubeka afune umsebenzi phesheya kwezilwandle noma uzobuya ngakho asikho isidingo sokuphawula ngoba asikazi,” kusho uPhiri ephephandabeni langeSonto ngasekupheleni kwenyanga edlule.
Isikhulu seCity, uJohn Comitis, naso sisanda kuveza ukuthi simtshelile uManyama ukuthi bayamfuna ekhaya lakhe elidala kodwa konke kulele kuyena umdlali ukuthi ufunani.
“Asikaze sikufihle ukuthi uManyama uyohlale enendawo eqenjini lami. Ngimazi emncane ngakho akubanga yinkinga ukumtshela ukuthi ngiyamdinga. Yikhona phela ukuthi akaziphethe. Siyamdinga, uyakwazi lokho futhi sinethemba lokuthi inkulumo esibe nayo naye ingamenza awele ngasekhaya lakhe elidala."
Akuyena yedwa uManyama ophethe iphepha lakhe kodwa bakhona oTsepo Masilela, Mzikayise Mashaba noTokelo Rantie wodumo lokuduba umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba.
UMasilela uchithwe yiChiefs kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe ngoJuni kanti uke wamataniswa neMaritzburg United kodwa wakuchitha yena lokho lo mdlali oke wadlala nakwiSpanish La Liga.
Sisekwabanesipiliyoni sokudlala phesheya, kuyavela nokuthi uRantie uhleli ekhaya ngenhloso yokuthola ikhaya elisha kulandela ukuhlukanisa kwakhe neqembu laseTurkey. Abadlali abafana noSibusiso Masina, Vincent Kobola, Mahlatsi Makudubela noMzikayise Mashaba nabo basengawathola amakhaya amasha ngaphambi kuka-Agasti 31 okuwusuku okuvalwa ngalo iwindi lokushintshana ngabadlali. Laba badlali abadingi ukuthi kwenzeke lokho ngoba bangasayina noma yinini namaqembu abawafunayo.