NGEMUVA kokuvuma ukuthi ezakhe seziphumile embangweni wesicoco seligi, umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy uthe uselwela ukuqeda okungenani emaqenjini amathathu aphezulu okungasho ukuphucula indawo abaqede kuyona ngesizini edlule.
Ukubalwa namaqembu amathathu aphezulu kwi-Absa Premiership kusho ukudlala emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (CAF) ngesizini ezayo.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu kwi-log azomela iNingizimu Afrika kwiCAF Champions League kuthi elesithathu lidlale kwiConfederation Cup.
Nyakenye iCity idlalile kwiConfederation Cup yaphuma kusahlungelwa amaqoqo. Lo mkhuba wamanye amaqembu akuleli asheshe aphume kule miqhudelwano, uyagxekwa ngabanye abathi akhombisa ukuyibukela phansi.
Ngabe uMcCarthy usekulungele ukuthi ezakhe zihambe ibanga elide kule midlalo?
“Ngicabanga ukuthi kuhle kubadlali ukuthi badlale emiqhudelwaneni yeCAF ngoba bathola ithuba lokuzihlola namanye amaqembu ase-Afrika. Kodwa futhi kumele ubheke ukuthi sijule kangakanani isikwati sakho. Ngabe uzokwazi ukumelana nokudlala kwiMTN 8, Telkom Knockout, Nedbank Cup nakwiligi?
“Uma ubheka le miqhudelwano iyasikhandla isikwati esinaso. Ngokwami le miqhudelwano (yeCAF) ifana nethuba lokuhlola abadlali bakho abehlukene kodwa uma wenza njalo uyagxekwa ngokuyibukela phansi. Abantu abakuqondi ukuthi yingoba usuke ungenaso isikwati esiqinile ukudlala yonke le miqhudelwano. Ukube nginebhajethi efana neyeMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, ngikwazi ukuthenga abadlali engibafunayo, angingabazi ukuthi ngabe ngihlezi ngilwela ukuyodlala kwiChampions League. Kuhle ukuthi sisengazibekisela indawo khona kodwa kumele sibe neqiniso, sikuvume ukuthi asinaso isikwati esanele sokufaka umbango khona. Ngale kwalokho ungazithola udlalela ukuwina indebe kodwa ekugcineni usale ulwela ukuvika izembe, isibonelo nje yiBaroka,” kusho uMcCarthy.
Lo mqeqeshi ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe zishaywe yiLamontville Golden Arrows ngempelasonto edlule.
NgeSonto bazovakashela iBloemfontein Celtic eDr Molemela Stadium ngo-3 ntambama. Okwamanje iCity eqede endaweni yesihlanu ngesizini edlule ihleli endaweni yesine ngamaphuzu awu-40.