UKUQUNGA isibindi kwabaphathi beKaizer Chiefs ngokusayinisa abadlali abathathu abamqoka njengoba kuvulwe iwindi lokuthengiselana ngabo nokunqoba umdlalo ewudlale nePolokwane City ngo 2-1, sekuqinise abalandeli bayo idolo ngokuthi kungenzeka igcine isiphonsela amaqembu angenhla kwayo inselelo yesicoco seligi.
Lesi senzo seChiefs sokusayina abadlali abanjengo Leonardo Castro, obengomunye wabadlali abebaziwa ngeCBD (Castro, Billiat noDolly) kwiMamelodi Sundowns, uSphelele Ntshangase noKabelo Mahlasela, sekwenze abalandeli bayo babuya ngezinkani emidlalweni yaleli qembu.
Umdlali okungekho ukuthandabuza ngesimo sakhe sokudlala nguNtshangase ngoba yena akalimele futhi akadingi imvume yoMnyango wezaseKhaya, ekutheni aqale ukudlala kuleli, ngenxa yokubangumsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika, okungafani nozakwabo uCastro osalindele amaphepha amkhululayo selokhu eshiye kwiSundowns. UMahlasela usalimele kanti ngendlela adlala kahle ngayo umqeqeshi weChiefs obezomphosa enkundleni ukuze amethule umthwalo osindayo wabalandeli emahlombe akhe.
Ukuthutheleka ngobuningi babo kulindeleke ukuthi kuqhubeke emdlalweni abazowudlala neBaroka FC nokubhekeke udle ngokuhlabahlosa.
Lo mdlalo usePeter Mokaba Stadium, ePolokwane namuhla ngo-3.30 ntambama.
Umdlalo walawa maqembu uhlale njalo ungowamagqubu kwazise iBaroka ihlale iyithwalisa kanzima uma behlangene. Imbango waqala ngesikhathi Abakgaga bekhipha kabuhlungu Amakhosi kwiNedbank Cup.
Ngaleso sikhathi babesadlala kwi-ABC Motsepe League nokwafaka ezikaChincha-Guluva, ehlazweni. Kanti kuze kube yimanje iChiefs ayikawathathi amaphuzu amathathu selokhu iBaroka iqale ukudlala kwiPremiership.
Okunye okuzokwenza abalandeli beChiefs batheleke ngezinkani wukuthi bafuna ukuzibonela ukuthi nebala abadlali abathengiwe bayilokhu abakucabangayo ngabo ukusiza iqembu linqobe okungenani indebe yeNedbank Cup.
Akungatshazwa ukuthi umqeqeshi waMakhosi uSteve Komphela angathanda ukubadlalisa bonke abadlali abasha kodwa ngeke akwazi ngenxa yokuthi uMahlasela usalimele kanti kusazomthatha isikhathi sokubuyela emdlalweni.
Ngakolunye uhlangothi Abakgaga bazofuna ukukhombisa abalandeli babo ukuthi abahlale bekwenza kwiChiefs basengaqhubeka nakho. Nokuthi umqeqeshi wabo uKgoloko Thobejane uhlale njalo ekugcizelela ukugcina indawo yabo kuTop 8 ngoba ekugcineni bafuna ukuyodlala imidlalo yeCaf.