UYANNICK Zakri weMaritzburg United usebuyele eqenjini ngemuva kokunyamalala engaziwa ukuthi ukuphi ngaphambi kokuqala komzuliswano wesibili wePremier Soccer League (PSL).
Abadlali babenikwe ikhefu elifushane likaKhisimusi ngemuva komdlalo wokugcina ka-2018 lapho babebhekene neBaroka FC eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Bonke abadlali kwakulindeleke ukuthi babuyele ekhempini yeqembu ngoDisemba 27 kodwa uZakri wangafika. Iqembu alikwazanga nokuxhumana naye.
Umqeqeshi weTeam of Choice uMuhsin Ertugral ukuqinisekisile ukuthi usebuyile eqenjini.
“UZakri ubuyile. Ufike izolo (ngeSonto) kodwa ngeke adlale uma sesibhekene neMamelodi Sundowns. Ubengakwazi ukungena eNingizimu Afrika ngoba ihhovisi elinikeza incwadi eyimvume belivalile kwaze kwaba uJanuwari 5. Uyitholile incwadi evela kuleli hhovisi ebichaza lokho,” kusho * -Ertugral.
IMaritzburg iyibambe emsileni we-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-11 ngemuva kwemidlalo engu-16. Izobhekana neSundowns emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Stadium, ePitoli, kusasa ngo-7.30 ebusuku.
“UZakri wenze kahle kakhulu ngesikhathi ngisebenzisana naye kwi-Ajax Cape Town ngesizini edlule. Ungumdlali omuhle kakhulu uma ebeke umqondo kulokho akwenzayo,” kuchaza u-Ertugral.
ITeam of Choice ithole abagadli abangase bayisize emzuliswaneni wesibili njengoba isayinise uJudas Moseamedi noThabiso Kutumela.
IMaritzburg igcine ilahle amaphuzu ngeledlule ngesikhathi ithelwa othulini ngo 2-1 yiFree State Stars eHarry Gwala Stadium. Kulo mdlalo yake yahamba phambili ngo 1-0 kodwa yadedela amagoli amabili ekugcineni. ITeam of Choice isawine umdlalo owodwa nje vo kwengu-16 esiyidlalile selokhu kuqale isizini.