UMANGAZE abaningi umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, efaka uThulani Serero eqenjini lakhe elizobhekana neNigeria emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoNovemba 17.
USerero, ogijima kwiVitesse yaseNetherlands, wanquma ukuthi ngeke esalubhada ekhempini yeqembu lesizwe uma umqeqeshi engaqinisekisi ukuthi uzodlala ngesikhathi iqembu lidlala owokuhlungela iNdebe yoMhlaba neSenegal ngonyaka odlule. ISouth Africa Football Association
(Safa) yathatha isinqumo sokuthi adingiswe uSerero, angabe esabizwa kwelesizwe.
Kungenzeka ukuthi uBaxter unqume ukubiza uSerero ngoba kunabadlali bakhe abalimele okukhona kubona uKamohelo Mokotjo odlala e-England. Abanye abadlali abathintekile abangeke babe yingxenye yeBafana uDean Furman, Bongani Zungu, Keagan Dolly, Sibusiso Vilakazi noBradley Grobler.
Selilonke iqembu elizobhekana neNigeria limi kanje:
Onozinti: Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Ronwen Williams (SuperSport United), Darren Keet (Bidvest Wits)
Izitobha: Ramahlwe Mphahlele (Kaizer Chiefs), Motjeka Madisha (Sundowns), Siyanda Xulu (Maritzburg), Thulani Hlatshwayo (Wits), Innocent Maela (Pirates), S'fiso Hlanti (Wits), Buhle Mkhwanazi (Wits) Thamsanqa Mkhize (CT City).
Abasesiswini: Vincent Pule (Pirates), Lebohang Maboe (Sundowns), Hlompho Kekana (Sundowns), Fortune Makaringe (Maritzburg), Teboho Mokoena (SuperSport), Tiyani Mabunda (Sundowns), Thulani Serero (Vitesse), Thembinkosi Lorch (Pirates).
Abagadli: Lebo Mothiba (Strasbourg), Percy Tau (Royal Union), Dino Ndlovu (Zhejiang), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns)