UKUBUYA kwabadlali abebelimele kumqinisa idolo umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uClinton Larsen, okuthe ngempelasonto walahlekelwa enye yezinsika zeqembu uMusa Bilankulu ekhishwa ngekhadi elibomvu.
UBilankulu ukhishwe ngekhadi ngemuva kokuthi unompempe engeze imizuzu eyisishiyagalombili behlula iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership ePrincess Magogo Stadium.
“Ngihlezi ngisho ukuthi ebholeni ezinye izinqumo zikanompempe ziyakuvuna ezinye zingakuvuni. Lesi esinye salezo,” kusho uLarsen ngemuva kokubuzwa ngokufakwa kwemizuzu eyisishiyagalombili.
“Akumnandi (ukuthola ikhadi kukaBilankulu) ikakhulukazi ngemuva kokudlala kahle bebambisene noThabo Molefe. Ubeyihlakaza kahle iminyakazo.
“UDanny Phiri uyabuya sizomsebenzisa emdlalweni olandelayo. NoNkanyiso Cele ungene wenza kahle. Izimo ezinje awukwazi ukuzigwema kumele ubhekane nazo.”
Abanye abadlali athe kuzoqinisa iqembu ukubuya kwabo ekululameni uDivine Lunga owudlale wonke umdlalo weChiefs, Zolani Nkombelo noVelemseni Ndwandwe.
“UNdwandwe ubengomunye wabadlali bethu abagqamile ngesizini edlule. Ngicabanga ukuthi ukubuya kwakhe kuzosisiza,” kuchaza uLarsen.
Emidlalweni elandelayo yeligi Abafana Bes’thende bazovakashela iBidvest Wits ngoDisemba 12 bavale unyaka naMaZulu FC ngoDisemba 22 eKing Zwelithini Stadium.
ULarsen uthe uma bengalungisa ekushayeni amagoli bangakhuphuka kwi-log lapho beyibambe endaweni ka-10 okwamanje.
“Uma ubheka i-log emagolini esiwashayile nangene ngakithina lokho kukubeka kucace ukuthi inkinga yethu ikuphi. Kwesesiwashayile sibalwa namaqembu ayisithupha angenzi kahle kuthi kulawo anesibalo esincane samagoli angenile sibalwe kwayisithupha aphezulu. Yileyo inkinga yethu enkulu kule sizini. Emdlalweni we-Orlando Pirates, Chippa United neFree State Stars kwakungafanele silahle amaphuzu,” kusho uLarsen.