UKAPUTENI weSuperSport United, uDean Furman, ugxeka abangabaza ikhono labanye onozinti okufanele bavale isikhala sika-Itumeleng Khune kwiBafana Bafana.
UKhune weKaizer Chiefs, ulimale ehlombe ezinyangeni ezedlule nokuvela ukuthi uyoze adlale ngesizini ezayo.
Lokhu akuzweli kuphela kwiChiefs, esibamba iyeka, kodwa nakwiBafana ayisethenjwa sayo. Iningi libona iBafana izoba nenkinga kakhulu ezintini ngokulimala kukaKhune oselenze elakhe ijezi kwiBafana iminyaka. Ngo-2015 kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), umqeqeshi * -Ephraim “Shakes” Mashaba, wamshiya uKhune owayesanda kubuya ekulimaleni. UMashaba ugcine ebavimbisa bonke onozinti ayehambe nabo, iBafana yakhishwa ekuseni.
UFurman uthe uKhune akayona iBafana eyedwa.
“Asikwazi ukuqala sikhulume ngomdlali oyedwa. Angicabangi ukuthi umdlali oyedwa uyiqembu lonke. U-Itu ungunozinti osezingeni eliphezulu, akukho ukungabaza ngalokho. Kodwa sinabanye onozinti abalaziyo ipali kule ligi. Siphatheke kabi ngokulimala kuka-Itu kodwa bakhona abanye abanekhono. Kufanele sibathembe ukuthi bazowenza umsebenzi,”kusho uFurman.
Umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter kufanele aqoke unozinti okuzothenjelwa kuyena uma elakuleli selibhekene neLibya emdlalweni wokugcina wokuhlungela i-Afcon ezoba se-Egypt. Umdlalo uzoba ngoMashi 22 ekuhambeni.
Konozinti okubhekwe ukuthi aqoke kubona kukhona uRonwen Williams weSuperSport noDarren Keet weBidvest Wits. Ezinsukwini ezimbalwa ezidlule kuqhamuke negama likaSiyabonga Mbatha waMaZulu.
“Manje sekusezandleni zikaRonwen noDarren nabanye onozinti ababhekwe ngumqeqeshi ukuthi bathathe ijezi lika-Itu. Impi yalo izoshuba kakhulu. Kuzoba mnandi ukubona ukuthi ubani ozolithola. Ngiyabethemba kakhulu uRonwen noDarren. URonwen ngidlala naye kwiSuperSport angikwazi ukumncoma ngokwanele. Ungunozinti oseqophelweni eliphezulu. Unesibindi. Ngiyazi ukuthi uma eqokiwe angawenza umsebenzi. UDarren ngimazela eqenjini lesizwe. Udlala kahle kule sizini, bahlezi esicongweni se-logi. Kubona bobabili nabanye onozinti inselelo inkulu ukuthi ubani ozothatha ijezi," kusho uFurman.