Ezemidlalo

Kubhekwe isinqumo seChiefs ngabafunwa nguNabi

Mthokozisi Mncuseni|Published

KUFANELE ukuba kuconsa amathe kubalandeli beKaizer Chiefs ngenxa yamagama abadlali abamataniswa naleli qembu laseNaturena elimatasa ngokushanela amabala kulezi zinsuku ngenhloso yokwamukela izinduku ezintsha.

Nakuba Amakhosi egcine eyiqedile indlala yezicoco ngokuqukula iNedbank Cup kodwa indlela adlale ngayo kwiBetway Premiership ishiye abalandeli bawo benamahloni.

Nakule sizini ezoqala, iChiefs izoyibuka kwithelevishini iMTN8 okuzokwenzeka amasizini elandelana.

Lokhu kungenxa yokusala ngaphandle kwi-Top 8 okudalwe wuxhaxha lwemiphumela emibi kusukela isizini iqala kwaze kwaba iyasongwa.

Kuze kube yimanje akucaci ngesikhundla somqeqeshi, uNasreddine Nabi, onqumele ugwayi katiki abaphathi beChiefs ngokuthi uzohlala uma bemtholela uhlobo lwabadlali aludingayo.

Ngesonto eledlue, iChiefs imemezele ukuthi iyamdedela uRanga Chivaviro kanti imbuyisela emuva uNjabulo Blom eyayimboleke kwiSt Loius yase-United States of America (USA).

Baningi abadlali beChiefs abaphelelwa yizinkontileka ekupheleni kwale nyanga okungacaci ukuthi izohamba nabo yini uma isiya ekhempini e-Netherlands iyozicijela isizini ka-2025/2026.

Kukhona abaphumayo nje, amagama alaba abamataniswa neChiefs kufanele ukuba aconsisa amathe kubalandeli.

Nakuba kunjalo kodwa umbuzo omkhulu uthi iChiefs izosidansela yini isigingci sikaNabi ngabadlali abafunayo?

Abaphathi beChiefs abaziwa ngokugodola nemali,  kufanele bakushintshe lokhu uma kungukuthi laba badlali okukhulunywa ngabo bazogcina beyingxenye yeqembu.

Okusobala wukuthi kungayiqinisa iChiefs ukuthola okungenani uhhafu walaba badlali abamataniswa nayo.

Sekunesikhathi kukhulunywa indaba yeChiefs noFiston Mayele wePyramids FC yase-Egypt odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC). Indlela angcwabe ngayo i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ngokwahlukana kwiCaf Champions League, kufanele ukuba ibakitazile abeChiefs.

Abanye abadlali abakhonjwa kwiChiefs ngukaputeni weStellenbosch FC, uFawaaz Basadien no-Aphiwe Baliti weSuperSport United. Kubukeka sengathi u-Asanele Velebayi ebimfuna ngo-R4 million ezinyangeni ezedlule, izomthola bhusende kulandela ukudliwa yizembe kweCape Town Spurs kwiMotsepe Foundation Championship. Ezakamuva zimkhomba kwiChiefs uPaseka Mako osanda kuhlukana nePirates ekubeni kusekhona namahlebezi ngoMonnapule Saleng noFeisal Salum waseTanzania okuthiwa bazothushuka eNaturena.

Ngaphezu kwalaba badlali, kukhona no-Elias Mokwana odlalela i-Esperance de Tunis yaseTunisia kanti noMihlali Mayambela oseCyprus kuthiwa akanankinga ngokubuyela ekhaya azodlalela Amakhosi.