EMUVA kokuthi iJaguares yase-Argentina imshaye yamqhuqha upende emdlalweni weVodacom Super Rugby eKings Park Stadium ngoMgqibelo umqeqeshi weCell C Sharks, uRobert Du Preez, akabange esaqeda ngisho imizuzu emibili exoxa nezintatheli.
Iphenduke ozavolo iSharks ishaywa ngo 51-17 emdlalweni iJaguares ebizenzela kuwo ungafunga ukuthi idlala umdlalo wokuzilungiselela noma wesihle.
Kugqame amaphutha okuhluleka ukugcina ibhola, ukuhluleka ukugqobhoza udonga lweJaguares, nezinguquko eziningi ezigcine zilahla isigqi seqembu, iSharks ilotsholwa yizinsizwa zase-Argentina.
Ngokwejwayelikile ngemuva komdlalo, uDu Preez uba nesikhathi lapho exoxa nezintatheli, elandisa ngokwenzekile emdlalweni, namalungiselelo omdlalo olandelayo.
Ufike egunjini lezintatheli ethophe ebomvu ebusweni. Ubuzwe imibuzo emibili noma emithathu kuphela, washaya isishwapha sakhe wahamba.
Umbuzo wokuqala uthe: “Bekungewona umdlalo olula, ngabe uwubone kanjani?”
“Asidlalanga kahle, siphoxile. Ngeledlule sidlale kahle sishaya iLions. Ngokwami ukushaya kwethu iLions ngeminye yemiphumela emihle iqembu eselike laba nayo eminyakeni edlule. Kodwa namuhla (esho ngoMgqibelo), kube wumdlalo esiboze cisho kunayo yonke esesike sayidlala,” kuphendula uDu Preez.
Umbuzo wesibili: “Ngabe usola ukuthi yini enenze nashaywa ngale ndlela?”.
UDu Preez uphendule wathi: “Besingekho esimeni esihle ngokomqondo kanti nokuzethemba bekungekho kahle. Esikwenzile akwanelanga neze”.
Kube sekuba wukuphela kwesithangami nabezindaba, wahamba kanjalo uDu Preez. Umdlalo olandelayo weSharks izowudlala neReds eKings Park ngoMgqibelo ngo-3.05 ntambama.
Imiphumela yeSuper Rugby yangempelasonto:
Bulls 32-17 Reds; Sharks 17-51 Jaguares; Brumbies 31-20 Lions; Chiefs 33-29 Blues; Rebels 24-41 Stormers; Crusaders 43-17Highlanders