LIYAQHUBEKA iphupho leFrance lokubuyisa udumo lokudla isicoco seNdebe yoMhlaba lwango-1998 kulandela ukutibula kwayo kwaze kwalunga izolo ebusuku ibhekene neBelgium emdlalweni obuseSaint Pertersburg, eRussia.
IFrance iqale lo mqhudelwano inganikwe lutho kodwa umqeqeshi wayo uDidier Deschamps waqoma ukuvala umlomo asebenze nabafana bakhe abancane.
Lo mqeqeshi useseduze ko mlando wokuba umuntu wesithathu ukudla isicoco somhlaba njengokaputeni asiphinde esengumqeqeshi.
Bekuba umsebenzi onzima kwiFrance ukwakha amathuba ngoba ukuthola ibhola bekuwumzukuzuku ngemizuzu yokuqala eyishumi yomdlalo.
Ngendlela iBelgium eqale ngayo bekucaca ukuthi uRoberto Martinez usibophele ngokwazi isikimu njengoba eqale ngoMousa Dembele esikhundleni sikaThomas Meunier obengadlali ngenxa yamakhadi.
Bekwala ngisho iFrance isizamile ukulihlwitha kodwa abadlali beBelgium baphinde balithathe kalula komakhelwane babo iFrance.
Okusheshe kwaqapheleka lapha ukuthi uDeschamps ubehlele ngendlela yokuthi ezakhe zime emuva bese kuthi uma zilithola ibhola zilishaye phambili ngokuthembela ejubaneni likaKylian Mbappe obewuhlupho nakulo mdlalo.
Kunezikhathi lapho iFrance bekungathi iyavuka kodwa amathuba amahle abevela ngakwiBelgium kucaca ukuthi u-Eden Hazard uzimisele ngokubacoboshisa ompetha bomhlaba bango-1998.
Abalandeli zinhlangothi zombili baphaphanyiswe wumsindo besanda kubuyela ezihlalweni zabo bebuya ekhefini ngesikhathi uSamuel Umtiti weFC Barcelona elingqofela phakathi ngomzuzu ka-51 kade kuyikhona.
Leli goli kube sengathi liyayivusa neFrance ngoba iyona ebisiwuphethe umdlalo kwaze kwaba imizuzu yokugcina lapho iBelgium ebisikhombisa khona izimpawu zokuthi iyabona ukuthi isikhathi siyaphela.
Ukunqoba kweFrance lapha kuyibeka endaweni enhle njengoba isizolinda kowamanqamu ongeSonto ukuthi izodudulana nobani phakathi kwe-England neCroatia abazohlangana namuhla ngo-8 ebusuku ku-semi final yesibili ekomkhulu laseRussia, iMoscow.