KUNGASE kuphazamiseke esinye sezizathu ezinkulu zikaLebohang Manyama zokusayina kwiKaizer Chiefs kulandela ukuthinteka kwakhe engozini yomoto enyantisayo ngoLwesibili ntambama eGoli ekade ephuma ejimini esebheke ekhaya.
Ingozi ahlangabezane nayo uManyama iqinisekiswe iChiefs imisa abalandeli idolo ngokuthi imoto ikhomba ukuthi bekufanele kubhujwe kodwa ngamandla oMdali lo mdlali ushayeke idolo nendolwane kuphela. Lokhu kulimala kukaManyama, osazophinde ahlolwe odokotela beqembu, kungase kumbeke ngaphandle koweTelkom Knockout Last 16 ngeSonto neBlack Leopards eFNB Stadium.
Osekuyinkinga manje umbuzo othi njengoba ekhombise ifomu emangalisayo enqobisa iChiefs iMacufe Cup, uzobe eseluleme ngokugcwele yini ukuthi abhekane ne-Orlando Pirates kowabakhaya baseSoweto ngoMgqibelo ozayo (27 Okthoba) e-FNB Stadium.
UManyama, okhulele e-Alexandra ngakubo kukanozinti weminyaka weChiefs, uBrian Baloyi, utshele abezindaba ngesikhathi ejoyina iChiefs ngo-Agasti ukuthi isifiso sakhe seminyaka ukudlala kowabakhaya.
“Ngikhule ngiwumlandeli weChiefs. Nokukhulela emgwaqweni owodwa noBaloyi kuyikhulisile le nto yeChiefs kimina njengoba sengigcine ngifikile. Okwenzeke namuhla kuyiphupho lami. Sengizoke ngidlale nowabakhaya baseSoweto okuwumdlalo okuyiwona wodwa ebengisaphupha ngokuwudlala,” usho kanje lo mdlali ojoyine iChiefs esuka kwiKonyaspor yaseTurkey.
Sekubanjwe umoya manje ngokuthi uzohlala isikhathi esingakanani engadlali uManyama ngenxa yalokhu kulimala. Nakuba lisazoba khona ithuba lokudlala eminye yabakhaya kodwa le ibizoba yikhethelo kuyena ngoba ubesanda kukhuluma ngayo futhi ifomu yakhe kwiMacufe ibikhomba
ukuthi uwulungele lo mdlalo omkhulukazi.
Isitatimende esikhishwe iChiefs ngale ngozi besibhalwe kanje: “ULebohang Manyama ube sengozini yemoto ngoLwesibili ntambama esuka ejimini ebheke ekhaya. Uphuthunyiswe esibhedlela lapho bekuyohlolwa khona ubungako bokulimala kwakhe. Ngemuva kwama-x ray odokotela bamdedelile ukuba ayophumula ekhaya. Ushayeke edolweni nasendololwaneni.”
Imidlalo yeTelkom Knockout Last 16: