KUBANJWE umoya ngomgadli weKaizer Chiefs, uLebogang Manyama, okungakaziwa noma uzobe esekulungele yini ukudlala uma sebebhekene ne-Orlando Pirates kowomkhaya baseSoweto ngoMgqibelo.
IChiefs izodudulana nePirates kwi-semi final yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ntambama.
UVina Maphosa osophikweni lwezokuxhumana kwiChiefs uthe bazozwa kusasa ngoMsombuluko kodokotela ukuthi uManyama uzodlala yini ngoMgqibelo.
“Usengadlala ngoba uyajima nje kahle akanankinga ngaphandle kokuthi kusewukucobelela. Sizozwa kahle kuleli sonto, mhlawumbe ngoMsombuluko ukuthi usengadlala yini. Uyazifaka izinto zokuvikela ingalo kodwa kusuke kuwukucophelela, hhayi ngoba ezwa ubuhlungu,” kusho uMaphosa.
Impendulo kaMaphosa iphinde yanika isithombe sokuthi basafuna ukudida iPirates ngendaba kaManyama.
“Sinomgomo (kwiChiefs) vele wokuthi singadaluli isimo sabadlali lingakaqali isonto esidlala ngalo. Awufuni ukuvezela izitha zakho ithala lakho lonke,” kusho uMaphosa.
Ingena ezintangeni ngoManyama nje iChiefs yingoba uphezu kokululama engalweni alimalekuyo ebandakanyeka engozini yemoto ngenyanga edlule.
Lelo lishwa ladumaza abalandeli beChiefs abalindele lukhulu kuye kwazise ngempelasonto eyandulela ingozi wayeshaye into ecokeme wathola negoli lakhe lokuqala benqoba iMacufe Cup.
Ngesikhathi ethinteka kwabikwa ukuthi uzohlala amasonto amane engadlali.
Nangempela ugqemeke udume ephuthwa wumdlalo wakhe wokuqala womkhaya baseSoweto. NakwiChiefs savela isikhala sakhe behlulwa yiPirates ngo 2-1.
Ubengakaze aphinde adlale ngemuva kwalokho. Uma uManyama engaphinda aphoswe ngumdlalo womkhaya wangoMgqibelo angakhala kakhulu kwazise akakufihli ukuthi ukhule ephupha ngokuba yingxenye yawo.
“Kule mpelasonto sibambe umoya ngabadlali abaningi ngoba noKhama Billiat sithandazela ukuthi abuye emidlalwenii yeqembu lesizwe engalimele. Cabanga uma singaba noManyama, uBilliat noBernard Parker ngoMgqibelo. Singaliphuza iBhakajuju,”kusho uMaphosa.
Abanye abadlali okuthandazelwa ukuthi babuye beyiminqemane ngo-Itumeleng Khune, Ramahlwe Mphahlele, Godfrey Walusimbi, Willard Katsande, Teenage Hadebe no-Andriamirado Andrianarimanana.
UManyama ngomunye wabadlali abalandeli beChiefs ababeke amathemba abo kubo ukuthi bazosiza ukubuyisa izinsuku ezimandi ePhefeni. Lo mdlali ubalwa nezilomo iChiefs ejabule ngazo abalandeli bayo izisika ngaphambi kokuqala kwesizini.
Khonamanjalo, iMenenja enkulu yezokuMaketha kwaDurban Tourism, uSbu Zondi, iqinisekise ukuthi abantu abangawatholanga amathikithi bazohlinzekwa ngobhazabhaza bama-screen ezindaweni ezizohlelelwa umphakathi mahhala eThekwini.