ABADLALI beBanyana Banyana kuzomele bakwenze ijoka labo ukuzicija ngaso sonke isikhathi ekushayeleni inethi.
Lokhu kushiwo umqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane, uDesiree Ellis, ngemuva kokuthi abadlali bakhe begange ngamathuba babambana ngo 1-1 neJamaica emdlalweni wokuvivela iNdebe yoMhlaba obuseMoses Mabhida Stadium ngempelasonto.
Igoli leBanyana lishaywe uLinda Motlhalo esiwombeni sokuqala. U-Allyson Swaby uvalele elokulinganisa lezivakashi kwesesibili, nazo ezizodlala kweyoMhlaba eFrance kusukela ngoJuni 7.
U-Ellis akaqali ukukhala ngobuthuntu phambi kwamapali. Wababaza umhlola ofanayo nangesikhathi bebuya kwiCyprus Cup ngoMashi bengazange benqobe nowodwa umdlalo.
Empeleni elakuleli lagcina ukunqoba umdlalo kwi-Africa Cup of Nations, kowandulela owamanqamu nyakenye. Ngemuva kwalokho lidlale neNigeria kowamanqamu, neSweden neNetherlands kweyobungani, neFinland kabili kwiCyprus Cup, iKorea DPR neCzech Republic njengoba isibanjwa iJamaica. Emdlalweni olandelayo wokuzilungiselela izotholana phezulu nompetha bomhlaba i-USA ngoMeyi 12 ekuhambeni.
“Uhlezi uya emidlalweni uzimisele ngokuwina. Namuhla (ngeSonto) bengibona sinalo ithuba lokwenza lokho kodwa okusasikhathaza kakhulu wukungashayi amagoli ngala mathuba amaningi esiwakhaya. Sibacelile abadlali ukuthi uma besemakhaya kumele basebenze ekuzicijeni ekubeni bukhali emapalini. Thina lapha siba nesonto elilodwa ukuhlelela umdlalo okungesikhona isikhathi esanele ukwenza konke okufisayo ngakho kukubona ukuthi basebenze ekutheni bakwazi ukukhahlelela ipali uma besebhokisini. Kodwa ngeke ngibasole ngokuzinikela kwabo. Ngabe ngikhathazeke kakhulu ukube angizange ngikubone ukuzimisela kubona emdlalweni,” kusho u-Ellis.
ULeandra Smeda ogeje iphenathi eshaye ipali ebingabeka iBanyana phambili ngo 2-1, uthe amaphutha ayenzeka ebholeni kodwa bazofunda kuwona.
“Bengifuna ukulibeka (ibhola) ekhoneni kodwa lashaya ipali. Kwesinye isikhathi iphenathi uyayishaye kwesinye uyigeje lokho kuyingxenye yebhola. Okwami wukuthi ngibuyele emuva ngiyozicija. Okubalulekile wukukhula ngamaphutha akho. Uma iphinda ivela ngiyophinde ngiyithathe,” kusho uSmeda.