ISWALLOWS FC ivuke othuthwini yabuyela kwiDStv Premiership ngokushaya i-University of Pretoria ngo 1-0 emdlalweni kawafa wafa wamaPSL Promotional Play-Offs obudlalelwa eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ntambama.
ISwallows ebeyize kulo mdlalo inganikwe thuba emuva kokushaywa kwayo yiCape Town All Stars ngoMgqibelo, ibidinga ukuwunqoba kumnyama kubomvu lo mdlalo, kanti ngakolunye uhlangothi amaTuks adlala kwiGladAfrica Championship abedinga iphuzu elilodwa kuphela ukuze akwazi ukwenyukela esigabeni sePremiership.
Womabili la maqembu awathole ngokufanayo amathuba okushaya amagoli kulo mdlalo, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala, futhi kwaba yiSwallows ethola amaningi kunamaTuks.
Empeleni bekumele ziye ekhefini kuyiSwallows ehamba phambili, kodwa ukuyeka oqekelele bamathuba okubhakuzisa inethi kwabadlali bayo yikho okwenze zaya ekhefini zibambene ngo 0-0
Ngesiwombe sesibili iZinyoni zibuye seziyiqembu elingcono kakhulu kunangesiwombe sokuqala, zihlasela ngamandla zifaka ingcindezi odongeni lwasemuva lwamaTuks, nokugcine igcagcele esokeni ngenkathi uYaga Sasman ededela inguzunga yeshodi ngaphandle kancane kwebhokisi labhajwa ezintanjeni ngomzuzu ka-61.
Empeleni ibhola likaKamogelo Pheeane wamaTuks elishaye ipali ngomzuzu ka-73 selimdlile unozinti weSwallows, uJoddy February, licishe laqeda nya ngeZinyoni kodwa kwala khona ukwenza abhekwa yisambane amaTuks.
Ukubuya kweSwallows kumaPlay-Off ngalolu hlobo sekubanjwe umoya kufanele kube yisifundo kubaphathi bayo nasethimbeni labaqeqeshi kanjalo nakubadlali uqobo ekuzinukeni amakhwapha, bafingqe imikhono ukulungiselela ukuguqula izinto ngesizini ezayo ukugwema okucishe kwabehlela bephindela kwiGladAfrica.
Ngakolunye uhlangothi amaTuks abethembisa kakhulu kule midlalo yamaPlay-Off, kufanele abuyele emuva abheke lapho enze khona amaphutha akuthathe njengesifundo ukudlala kule midlalo yokuhlunga ukuze akwazi ukulwela ukunqoba isicoco seGladAfrica ngesizini ezayo ka-2022/2023.