Ezemidlalo

Izinsika zeChiefs engozini yokuphuthwa owePirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

USIBONGISENI Mthethwa weKaizer Chiefs ongase aqale umdlalo emuva kwesikhathi eside uma bemkhumbulile abaqeqeshi

Image: BACKPAGEPIX

KUFANELE banyathele ngokuzicwecwa emdlalweni wanamuhla weBetway Premiership abadlali abane abamqoka beKaizer Chiefs uma bengazimisele ngokuwubuka behleli ezihlweleni umdlalo wabo weligi ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eNasrec.

OWandile Duba, Inacio Miguel, Mduduzi Shabalala noTashreeq Morris balengela eweni lokweqiwa owabakhaya weligi kwazise banamakhadi amathathu aphuzi umdlali ngamunye.

Amakhadi amane asho ukuthi umdlalo olandelayo uyakweqa yinqobo uma kungowePremier Soccer League (PSL).

IChiefs izokwamukela iMarumo Gallants koweligi namuhla ngo-3 ntambama kuyona le nkundla yaseNasrec kodwa okuzobe kubhekwe kakhulu ukuthi uyababophela yini uNasreddine Nabi esikimini laba badlali abasengozini.

Ngenxa yawo amakhadi, iChiefs izodlala neGallants ngaphandle koGaston Sirino noPule Mmodi abathole awabo esine ngokwahlukana kodlule ngesikhathi bebambana neChippa United ngo 0-0 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

Lokhu kushiya uNabi enenkinga ngesinqumo okufanele asithathe, hhayi ngezindawo zoSirino noMmodi kuphela kepha kufanele akucabange nazokwenza ngalaba abane abanamakhadi amathathu.

Bonke laba badlali bamqoka kwiChiefs ewadinga wonke amaphuzu kwazise nakwi-Top 8 ihleli ngesinqe esisodwa.

Kusengenzeka nokuthi laba badlali baziphathe kahle koweGallants bese kuthi kowabakhaya ngoMgqibelo ozayo, bazithole sebebhalwa okuzobe kusho ukuthi sebezokweqiwa owamanqamu weNedbank Cup nayo belu iPirates ngoMeyi 10, eMoses Mbhida Stadium, eThekwini.

Yize kusobala ukuthi uNabi kufanele aqhamuke nomqondo ophusile ngendlela azosebenzisa ngayo laba badlali kodwa okunye okucacayo yithuba elivuleka kwabanye abadlali abangajwayele ukuqala imidlalo.

KwiChiefs sekunabadlali osekwaziwa ukuthi baqala ebhentshini njengoSibongiseni Mthethwa, George Matlou, Ashley du Preez nababuya ekulimaleni njengoZitha Kwinika. Kungenzeka ukuthi leli yithuba labo lokuthatha iso lethimba labaqeqeshi.

IChiefs emiswe kabi yiChippa neLamontville Golden Arrows endaweni yesishiyagalombili kwi-log iya emdlalweni weGallants benamakhadi amabili aphuzi ngokwahlukana oBradley Cross, Thabo Cele, Glody Lilepo noBruce Bvuma.