Ezemidlalo

Izinkinga zePyramids zingaweza ngelibanzi iDowns koweCaf

Mthokozisi Mncuseni|Published

TOUGH SCHEDULE Umqeqeshi wePyramids FC, uKrunoslav Jurcic

Image: Samuel Shivambu/BackpagePix

UKUBA mapeketwane kwezinto phakathi kwabaphathi beligi yase-Egypt nePyramids FC ngokusho komqeqeshi wayo, uKrunoslav Jurcic, kuvulela iMamelodi Sundowns upotsho wokukhala yemuke nesicoco seCaf Champions League.

ISundowns eyagcina ukuqukula lesi sicoco eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule, ibambane ngo 1-1 nePyramids kowomlenze wokuqalae eLoftus Versfeld, ePitoli, ngempelasonto.

Umdlalo womlenze wesibili uzoba e-30 June Stadium, eCairo, ngeSonto ngo-6 ebusuku.

Esikhundleni sokujabulela ukuthi ezakhe zithole igoli ekuhambeni, umqeqeshi wePyramids ubalisele abezindaba ngobunzima ababhekene nabo njengoba abaphathi bebhola lase-Egypt bengabasizi yize bemele izwe.

“Kusukela isizini iqalile akekho noyedwa obheka ngakithina kodwa lokhu kuyasiqinisa esikhundleni kukusithena amandla,” kusho uJurcic kwabezindaba eLoftus.

Lo mqeqeshi ubekhuluma ngakuchaze njengokuyekelelwa yi-Egyptian Football Association (EFA) yize iPyramids idlalela ukuphakamisa ifulegi layo.

Okukhalisa lo mqeqeshi waseCroatia ukuthi emuva kokudlala neSundowns ngoMgqibelo kudingeke alungiselele oweligi neCeramica Cleopatra okusasa eSuez Canal Stadium. Ngaphambi kowomlenze wokuqala obungoMgqibelo, iPyramids idlale oweligi maphakathi nesonto.

“Kunzima ukukhuluma ngendlela esiphethwe ngayo wusoseshini wase-Egypt ngaphandle kokucabanga kumbe ukuphimisela amazwi angemahle. Akekho noyedwa osibuzayo ukuthi singasizakala kanjani njengoba singazidlaleli thina sodwa kepha simele usoseshini. Isimo sethu sinzima kodwa-ke ngeke sibambelele kangako kulokho kodwa sizobheka phambili.

“Akukuningi esikucelayo ngaphandle kokuhlehliselwa imdlalo njengoba benza abanye ososeshini bamaqembu esibhekana nawo kwiChampions League.

“Asikutholi lokhu thina ngaphandle kwemiyalelo eqinile ngobumqoka bokuqinisekisa ukuthi iligi iyaqhubeka,” kubalisa uJurcic.

Kulesi sithangami nabezindaba kuvele nalokhu uJurcic acabanga ukuthi kuwumsuka wale ndlela abaphethwe ngayo ngoba kusobala ukuthi yehlukile kunbanye.

IPyramids isele ngamaphuzu amabili kwi-Al Ahly engase isonge ngesicoco kowayo wakusasa nePharco FC.

Nakuba kunjalo, kusenecala elilangayo ngomdlalo i-Al Ahly ewudube kufanele ibhekane neZamalek ikhala ngokuthi ifuna ukudlaliswa ngunondweba ongeyena owase-Egypt.

IPyramids izonele ngokudlulisela udaba kwiCourt of Arbitration for Sports (CAS) ngoba ingeneme ngesinqumo esathathwa yilo soseshini ngesenzo se-Al Ahly.

IPyramids iyaqonda ukuthi isinqumo seCAS singaphuca i-Al Ahly amaphuzu, kube iyona ompetha beligi.