IMAMELODI Sundowns ayizimisele ngokuzixaka ngezimbangi zayo ukuthi zenza kanjani emidlalweni yazo embangweni wesicoco se-Absa Premiership.
Kusasa ngo-7.30 ebusuku iSundowns izodudulana neFree State Stars eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. ISundowns ivule igebe lamaphuzu amane kwi-log ye-Absa Premiership. Ngempelasonto leli qembu belingadlali. IKaizer Chiefs eyibambe endaweni yesibili inciphise igebe laba ngamaphuzu amane.
Amakhosi ahlule iCape Town City ngo 1-0 wegoli likaRyan Moon emdlalweni weligi e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli.
UDenis Onyango ongunozinti weSundowns utshele Isolezwe ukuthi abazixaki ngemiphumela yezimbangi zabo.
“Asizixaki ngokuthi izimbangi zethu zenza kanjani. Izimbangi yizona okumele zizixake ngathi ngoba yizona ezijaha thina. Uma singaqala sizikhathaze ngezimbangi kungabe senze iphutha elikhulu ngoba sizozifakela ingcindezi engenasidingo.
“Thina sibhekana nomdlalo ngamunye njengamanje ngoba asizimisile ngokusuka esicongweni. Iligi isezandleni zethu kodwa futhi siyaqonda ukuthi umsebenzi awukapheli. Kumele siqhubeke nomgqigqo wethu wokunqoba imidlalo,” kusho u-Onyango.
ISundowns inethuba lokunqoba izicoco ezimbili kule sizini ka-2017/2018. KwiNedbank Cup izibekisele indawo kwiLast 16 ngemuva kokuthela othulini iCape Town All Stars ngo 1-0 emzuliswaneni wokuqala. Kwi-Last 16 izoshukana ne-EC Bees egijima kwi-ABC Motsepe League, e-Eastern Cape.
“Siyakholwa wukuthi singazinqoba zombili lezi zicoco. Sineqembu eliseqophelweni eliphezulu futhi eliqine ngokwanele ukuthi lingakwazi ukulwela lezi zindaba ezimbili. Konke kusahamba kahle okwamanje,” kusho u-Onyango.
I-Free State Stars izodlala neSundowns iyibambe endaweni yesine.
“I-Free State ngeke siyithathe kancane ngoba yenza kahle. Ayihlezi kule ndawo ehlezi kuyona ngephutha ngakho ngeke size nomqondo wokuthi sizonqoba kalula. Kuzomele silwe umdlalo uqala ukuze sithole amaphuzu agcwele.
“Inhloso yethu wukunweba igebe. Lokhu sizokuzuza ngokuqoqa amaphuzu amathathu. Njengamanje awukho umdlalo olula. Amaqembu alwela ukuvika izembe, amanye alwela ukuqeda kwiTop 8, amanye afuna ukunqoba isicoco seligi kanti amanye afuna izindawo emiqhudelwaneni yase-Afrika,” kusho * -Onyango.