UJEREMY Brockie osekuvele ukuthi sekusemome ukuthi asayine kwiMamelodi Sundowns Isithombe: BACKPAGEPIX

KUNGENZEKA amabombo agcine ebheke eChloorkop, kwiMamelodi Sundowns, kumgadli osephenduke inyama emaqenjini amakhulu aseNingizimu Afrika, uJeremy Brockie, weSuperSport United ngemuva kokuthi leli qembu seliyehlisile imali ebeliyifuna ngaye.

Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane, ukhombise ukungapheli amandla ngemuva kokuthi Amatsatsantsa kade ebeke isamba semali ebesenza amanye amaqembu abemfuna ahlehle.

Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ongashayi phansi ukuthi phezu kokuthi abaphathi baMatsatsantsa bayehlisile ngesigamu sonke semali abebekade beyifuna ngalo mgadli.

Baphinde babeka omunye umbandela ngabadlali abathathu abafuna ukukhetha kubona oyedwa ozokweleka emalini abayifunayo.

Laba badlali nguMogakolodi Ngele, Asavela Mbekile noYannick Zakri omunye kubona kufanele aphambane noBrockie uma begcina ngokuthi bavumelane ngokuthengiselana ngaye.

“Kubukeka sekukude buduze ukuthi luphothulwe udaba lukaBrockie. Kuthiwa isenzo seSuperSport sokwehlisa imali abebeyifuna ngalo mdlali ngesigamu sonke sibethusile abeSundowns. Yize imali beyehlisile kodwa kuthiwa baphinde bafuna uNgele, Mbekile noZakri,” kusho umthombo.

Kuthintwa uMike Makaab weProSport International ukubeke kwacaca ukuthi bahlela ukuthi uBrockie amenyezelwe njengomdlali omusha weSundowns kusasa.

“Bekungelula neze ukuqedela lolu daba. ISuperSport iyamhlonipha uBrockie ngenxa yamagalelo akhe. Ushaye amagoli angu-50 kumasizini amabili nohhafu waphinde waqeda njengomdlali oshaye amagoli amaningi kuCaf Confederation. UBrockie ushiywe ngaphandle eqenjini elizobhekana neLamontville Golden Arrows. Indaba kaBrockie sizoyiphuthola emahoreni angu-48 azayo, ISundowns ifuna ukumbhalisa kuCaf Champions League. Ngakho sethemba ukuthi sizoqeda ngoMsombuluko ekuseni. UYannick Zakri sizombolekisa ukuze avulele uBrockie isikhala ngoba iSundowns ivele isinenqwaba yabadlali bangaphandle,” kusho uMakaab.

UThulani Thuswa, wezokuxhumana kwiSundowns akavumanga futhi akaphikanga ngaphandle kokuthi njengeqembu abekho esimweni sokuphawula ngodaba olungakaphothulwa ngoba lokho mhlawumbe kungasuke kuphazamise izingxoxo.

Lo mgadli odabuka eNew Zealand uphenduke inyama ngesizini yakhe yokuqala eNingizimu Afrika ngemuva kokukhombisa ukuthi akayena umgadli oshalazela amapali lapho engakhona.

Amasandawana kuthe ngesizini yesibili aqala ukufaka ingcindezi ekutheni athole lo mdlali kodwa akubanga khona impumelelo njengoba abaphathi beMatsatsantsa bashaya phansi ngonyawo.

Kwasabalala imibiko eyayithi iqembu elimfunayo kufanele lizimisele ngokukhokha imali elinganiselwa ku-R12 million njengoba sekuthiwa sebehle ngesigamu sonke base beleka ngemfalakahlana yabadlali abafuna ukukhetha omunye kubona.

Ukungadikibali kwethimba labaqeqeshi beSundowns ngokuthanda lo mgadli, belokhu beyiphela endlebeni kubukeka kungase kuthele izithelo njengoba sekunemibiko ethi selidumela emasumpeni ngokuphothulwa kodaba lwakhe.

Khona manjalo iSundowns imemezele u-Erik Anders Hamren njengenhloko yethimba labaqeqeshi kuleli qembu. UHamren udabuka eSweden. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguThuswa.