EZIGENDELA ibhola ngaphandle kwenkundla eSpringbok, eNorthen Cape uRivaldo Coetzee ehamba neKakamas Sundowns ngo-2009, akekho owayecabanga ukuthi angadlondlobala ayodlala kwiBafana Bafana.
Kodwa ngenxa yekhono lakhe omunye wabaqeqeshi baseSafa Transnet School of Excellence, ababeyohlwaya amakhono uMandla Mazibuko wakwazi ukumbona ukuthi unekhono maqede wangacucuza, wahambisa igama lakhe eqenjini lesizwe lika-Under 17 elaliqeqeshwa nguSolly Luvhengo.
Kodwa muva nje kubukeka ikusasa lalo mdlali owaba ngukaputeni waMajimbosi, waqopha umlando edlala kwiBafana eneminyaka engu-17, libukeka lifithiza ngenxa yokungalulami selokhu efike kwiMamelodi Sundowns.
Ngemuva kwezinyanga ezingaphezu kuka-12 lesi sitobha esithengwe yiSundowns ngezigidi, asikakhahleli ibhola ngenxa yokulimala okungajwayelekile.
Noma kunjalo isekhona inhlansana yethemba lokuthi abalandeli bamaBrazilians bazombona maduze enkundleni.
Lokhu kuvele engxoxweni yeSolezwe ngoMgqibelo noThulani Thuswa, osophikweni lwezokuxhumana kwiSundowns noMike Makaab wePro-Sport International eyengamele izindaba zikaCoetzee.
“Eyokuthi useluleme ingacaciswa ngochwepheshe. Yibo abanganika umbiko okuyiwo ngoCoetzee kodwa okuthembisayo ukuthi uzobuya ngesizini ezayo, wukuthi useyakwazi ukuhamba kahle, uyaligqoka ikhokho agijime futhi uyashayela nje kahle,”kusho uThuswa.
UMakaab obengesinye sezicukuthwane emcimbini wokwethulwa kuka-Amanda Dlamini ekubeni yinxusa elisha le-Laureus Sports Awards eMhlanga ngoLwesihlanu, uthe uzobuya noma kanjani uCoetzee kule sizini.
“Isebucayana yona indaba yakhe ngoba iSundowns yanqaba ukuthi ahlinzwe. Bakhetha olunye uhlelo lokuthi elashwe. Kuyimanje useyaziqeqesha. Ukhona emalungiselelweni esizini ezayo sikhuluma nje. Okunye sesokushiya emthandazweni,” kusho uMakaab.
ISundowns izobuyela enkundleni ngoJulayi 17 lapho izobhekana ne-AS Togo Port de Lomè yaseTogo.
Umdlalo uzoba seLome ngo-4 ntambama.
Uma ibuya lapho ngoJulayi 21, iSundowns izofika eNingizimu Afrika ilindelwe yiKaizer Chiefs abazodlala kwiShell Helix Ultra Cup, esanda kwethulwa.
UCoetzee, ongene emlandweni ephula irekhodi lika-Aaron Mokoena lokudlalela iBafana Bafana esemncane, usephuthwe ngokuningi ngenxa yokulimala kwakhe okungajwayelekile.
Nyakenye ubesengene kwezinoju esayiniswa ngelinye lamaqembu amakhulu ase-United Kingdom, iGlasgow Celtic yaseScotland.
Bese kuqedwe konke neGlasgow kodwa umdlali waphoxeka imishini yochwepheshe baleli qembu sebethola ukulimala naye lo mdlali ayengakwazi.
Yamyeka kanjalo iCeltic, ivika ngokuthi ifuna isitobha esizofika singene ensimini ngokushesha hhayi esisazonesa ukulimala.
ISundowns nokho yaqoma ukumsayinisa ngoba ithi izokwazi ukumlinda aze alulame.
Ngenyanga edlule umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uke wacashunwa ebhoboka kweminye imithombo yezindaba ngosizi lukaCoetzee.
UMosimane ukhale ngokuthi okwenza kube lukhuni ukululama kulo mdlali wukuthi igazi alifiki endaweni ethintekile onyaweni.
Phambilini leli phephandaba lake labika ngokwabizwa ngesixwazi onyaweni lukaCoetzee, okuyiso esenza angalulami.