UKUFIKA komgadli waseNewZealand u-Emiliano Tade, kumnikeza ithemba umqeqeshi waMaZulu, uCavin Johnson, lokuthi bazokwazi ukusebenzisa amathuba abasuke bewakhandile.
UTade ubedlalela i-Auckland City yaseNewZealand ubebanga ukuba umgadli ovelele kwiligi yaleli yazwe noJeremy Brockie, weMamelodi Sundowns.
Ngesizini edlule uSuthu belukwazi ukukhanda amathuba kodwa zifike ziyimise emthumeni kubagadli uma sekufanele bafake ibhola enethini.
Ukugeja kuholele ekutheni kuthi ngokuvuleka kwewindi basayinise uCamaldine Abraw ngenhloso yokwelapha lesihlava.
Sekuwumlando ukuthi * -Abraw akabanga yilo ikhubalo elikwazi ukwelapha ngoba kuze kwadingeka ukuthi iqembu lingayivuseleli inkontileka yakhe yezinyanga eziyisithupha abeyisayine noSuthu.
Ephawula ngomgadli uJohnson uthe nakuba ekuqonda kahle ukuthi umdlali uze umbone kahle esimeni somdlalo kodwa lokhu asekubone emidlalweni yesihle welisekile.
“Ngingasho ukuthi noma singaqala kusasa ukudlala ngeke ngilokhu ngibamba ngiyeka ngoba ngibona iqembu lami lihlangana kahle.”
“Ngiyethemba ukuthi amathuba esizowathola ngale sizini sizowasebenzisa ngendlela,”kusho uJohnson.
Mayelana nodonga lwasemuva obelubuye ludliwe iminyakazo kalula ngabe uyibona izokwazi ukulungiseka lenkinga uthe ubona kuzokuba ngcono ngoba unabadlali abenele abadlala kule ndawo.
“Kunabadlali abafikile njengoXolani Silawula noMarc van Heerden engethemba ukuthi bazokwazi ukuhlalisa manzonzwane ozakwabo emuva.
“Ngokunjalo noNhlanhla Vilakazi enkabeni yenkundla naye ngimbona ezokwazi ukufaka uButho (uButholezwe Ncube) ekutheni akhuphule amasokisi,”kubeka uJohnson.
Uphinde waveza ukuthakasela kwakhe ukufika kukaCharlie “Young Charlie” Hlalele, obekwiTornado ngesizini edlule nathi uzokuba ngomunye wabadlali azovelela uma sejwayele ukudlala esigabeni esikhulu.
“Kufanele simbonge u-Ayanda (Mkhize ohlwaya amakhono oSuthwini) ngokuba nehlo elibanzi ekuboneni ikhono.
“Angingabazi ukuthi “uYoung Charlie” uzokuba ngumdlali omqoka ebholeni maduze nje,”kubeka uJohnson.
“Uthi ngelinye ilanga lomdlali uyafisa ukumbona edlala noSiphesihle Maduna ongomunye wabadlali abancane abasayinwe AmaZulu.
“Ngiyafisa ukubabona ngelinye ilanga edlala kanye kanye noSphe (Siphesihle Maduna). USphe ungumonye wabadlali abancane abasezingeni eliphezulu.
“Uma eqhubekile nokuziphatha kahle uzokuba ngundabamlonyeni esikhathini esizayo,” kusonga uJohnson.