MTHOKOZISI MNCUSENI
IMARITZBURG United, esengozini yokuwela emaqenjini abalekela ukugencwa yizembe kwiDStv Premiership, isiqalile iyanyakaza emakethe yabadlali ngenhloso yokuqinisa isikwati njengoba kuvuleke iwindi lokuthengiselana nokunaniselana ngabadlali.
Kuyiwe ekhefini lamaholidi kaKhisimusi iTeam of Choice ingcono ngamaphuzu amabili kuphela eqenjini okuyilona elibambe ibhuleki kwi-log.
Lokhu kwenze kwaba nokungabaza ukuthi uzobuya yini umqeqeshi, u-Ernst Middendorp, kulandela inkulumo yakhe ekhombise ukuthi ulindele noma yini, ayenze emuva komdlalo wokugcina ngonyaka odlule.
Sekungumlando ukuthi uMiddendorp unikwe imidlalo emithathu ezayo esekhaya ukuba aguqule isimo seqembu, uma kungenjalo kukhona okusina kumjeqeza.
Umthombo weSolezwe, ongaphakathi kwiTeam of Choice, uthe yize uMiddendorp elahlekelwe uBongokuhle Hlongwane, othathwe yiqembu lase-United States of America (USA), iMinnesota United, noFares Hachi okuthiwa uzicelele ukuhamba, usebatholile abadlali ababili azoqinisa ngabo.
Kuthiwa uHachi, ofike kwiMaritzburg ngo-2020 esuka eFrance, ucele ukukhululwa enkontilekeni yakhe ebese ivele isalelwe izinyanga eziyisithupha ngoba ebona ukuthi akekho ezinhlelweni zikaMiddendorp.
Phakathi kwamaqembu okuthiwa akhuluma noHachi, oseke wadlalela iMamelodi Sundowns, kukhona naMaZulu FC.
“Useqede konke uLucky (Baloyi) kulandela ukushiya kwakhe kwiRoyal AM lapho ebese efana khona nefenisha. “Kukhona omunye afike naye (Reagan Van der Ross) abasuka naye eThekwini,” kusho lo mthombo izolo ekuseni.
Akubona laba badlali kuphela abashiya kwiRoyal AM njengoba kuvele nokuthi oRonald Pfumbidzai noSera Motebang basendleleni ebheke kwiChippa United.
Unozinti, uJackson Mabokgwane, kuthiwa uxoxisana neRoyal AM ukuthi imkhulule enkontilekeni njengoba engomunye wabadlali abafike besuka kwiBloemfontein Celtic kodwa waphikwa yizinto eThekwini.
Ngaphandle kukaSurprise Ralani, osayine kwiMamelodi Sundowns esuka kwiCape Town City, amaqembu athathwa njengamakhulu asathule kodwa akungatshazwa ukuthi azonyakaza nawo lingakavali iwindi.
Kuthiwa iChiefs imataniswa no-Ayanda Patosi noBongani Zungu bobabili abadlalela amaqembu aphesheya kwezilwandle kodwa kusengamahlebezi nje.
Kuyavela futhi ukuthi iChiefs ne-Orlando Pirates bafuna uYusuf Maart weSekhukhune United. UVictor Letsoalo weRoyal AM ngomunye umdlali olokhu emataniswe njalo namaqembu athathwa njengamakhulu.
UTeboho Mokoena, weSuperSport United neBafana Bafana, ngomunye wabadlali ababangwa ngamaqembu anamandla omnotho eNingizimu Afrika.