NGEKE sibe khona isidingo sokuthi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane azikhathaze ngokukhuthaza abadlali ngaphambi kowomlenze wesibili we-quarter final yeCAF Champions League ne-Al Ahly yase-Egypt
Umdlalo ukusasa ngo-6 ntambama. Bonke abadlali bawubheke ngabomvu.
Lokhu kushiwo yisitobha seSundowns, uWayne Arendse, esisesikwatini esifulathele iNingizimu Afrika ngoMsombuluko sibheke eCairo, e-Egypt lapho beyoqedela khona umsebenzi abawuqale ekhaya.
I-Al Ahly, esidle isicoco seChampions League kayisikhombisa, isiqalile ukwethwesa iSundowns ubunzima ngokuguqule inkundla obekufanele kudlalwe kuyo.
Ngokwe-website yeCAF, umdlalo bekufanele ube seCairo lapho iSundowns ifikele khona kodwa sekuvela ukuthi sekuzodlalwa eSuez Stadium, e-Alexandria, okuqhele ngamakhilomitha awu-244 (uma usuka eCairo).
ISundowns iya emdlalweni iphethe amagoli amahlanu esuka nawoemlenzeni wokuqala eLucas Moripe Stadium, ngeledlule.
U-Arendse uthe balindele ubunzima e-Egypt kodwa uyabethemba bonke ozakwabo ngoba iningi labo, kanye naye uqobo, likujwayele ukudlala ezimeni ezinje.
“Esikhathini esedlule ingeqile imidlalo lapho besibhekene khona namaqembu ase-Egypt kodwa bengidlala ngesikhathi sixebula iZamalek ekhaya ngo 3-0. Inkundla izobe igcwele ithe phama ngakho kufanele sibhukule. Ukubhekana neqembu elifana ne-Al Ahly kukwenza wena uzibonele ukuthi umqeqeshi akadingeki.
“Ibophele cishe sonke isikwati sase-Egypt, ngakhoke iqiniso lapha wukuthi umqeqeshi akadingeki. Kuba khona into eyenzekayo kuwe uma ubhekene nalolu hlobo lwamaqembu. Sikwenzile obekufanele sikwenze ekhaya manje sekufanele siyoqedela umsebenzi ekuhambeni,” kusho * -Arendse.
Ngawo lo mdlalo, uMosimane ulokhu ebahlohle njalo abadlali bakhe ukuthi bakulindele ukuthwaliswa kanzima futhi kufanele bafunde manje ukuthi uma bejikijelwa ngomlilo kufanele bawucoshe bawujikijele uqonde ngqo ngalapho osuke uvela ngakhona.
“Akukho lapho kuqinisekiswe khona ukuthi sesiwuqedile umsebenzi kodwa nginethemba lokuthi abadlali bami bazokwenza okufanele bakwenze.
“IBafana Bafana iye emdlalweni weLibya idinga iphuzu yafike yawina. Lokhu kufanele kusiqinise idolo. Kufanele sibhukule ukuze uma singawutholi umphumela esiwudingayo kungabi yingoba besizithambisa kodwa kube ukuthi i-Al Ahly idlale ibhola elingakaze libonakale emhlabeni.”