KUFANELE izibambe ziqine iMamelodi Sundowns uma izimisele ngokuthola umphumela oncomekayo uma isiyobhekana neWaydad Casablanca kowomlenze wesibili kaGroup A weCAF Champions League ngoMashi 16 eStade Prince Moulay Abdallah.
Ukuzibamba kwayo ziqine akufanele kugcine enkundleni kuphela kepha emakhanda abo kumele baye kulo mdlalo beqonda kahle ukuthi baya empini lapho bezohlukunyezwa khona zisuka.
Imbangela yalokhu wukuthi abebesenkundleni iSundowns inqoba ngo 2-1 kompetha beChampions League babone lukhulu. Osekungasiza iSundowns ukuthi iqambe ifika kulo mdlalo isivele isizibekisele indawo esigabeni esilandelayo.
Ngaphambi kokuthi iSundowns ivale iqoqo neWaydad isazoshukana ne-Asec Mimosa yase-Ivory Coast ekhaya nasekuhambeni bese iphinde yamukele iLobi Stars yaseNigeria.
Kuningi okubikiwe ngokwenzeke kulo mdlalo okuhlanganisa nokuthi ngesikhathi umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane ekhuluma nabezindaba, kunomdlali weWaydad ofike wama phambi kwakhe wamkhomba ngomunwe wamtshela ukuthi ayigade yonke into ephuma emlonyeni wakhe ngoba usazoya eMorocco.
Kuthiwa indaba iqale ngokuthi onogada babakhiphele ngaphandle kwenkundla abalandeli abathile beWaydad ngoba kunezinto abazibasayo zikhafule umlilo okuyinto enguvunyelwe ezinkundleni zakuleli.
Ngemuva kwalokhu abadlali beWaydad nebhentshi bese bekhombisa izimpawu zokuhluthuka kangangokuthi kubikwe nokuthi oyedwa wabafana abalanda ibhola ukhwifwe ngamathe omunye wabadlali bezivakashi.
“Indaba yomfana omncane iyona eqongise ukushuba kwesimo ngoba ngemuva kwayo kulapho kuqale khona ukuthi amabhentshi ajikijelane ngamazwi alumelayo. Nabadlali enkundleni bebengeke basale ngaphandle nabo baqala baphikisana. Indaba iqhubeke ngisho sekusemhubheni wokuphumela ngaphandle kwenkundla, ukuhilizisana okwenza kucace ukuthi iSundowns iyothwala kanzima uma ifika eMorocco kusekhona ekudingayo ukuze idlulele esigabeni esilandelayo,” kusho umthombo.
Ngokusho kwabazibonele, umqeqeshi weWaydad ugolozile ukukhuluma nabezindaba waqonda ngqo ezindlini zokushintshela lapho efike wazivalela khona. Ngokuthola kweSolezwe akhona nama-video esinye sezikhulu zeWaydad sisabisa uMosimane asabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Ukushilo nokho uMosimane ukuthi sebefunde ukuthi uma iqembu lifuna ukudlala nabo bazodlala kepha uma lifuna ukulwa kuzoliwa.