IMAMELODI Sundowns icuthele umdlali wasemuva weFree State Stars, uNyiko Mobbie, ongomunye wabasendalini kwi-Ea Lla Koto edliwe yizembe ekupheleni kwesizini ka-2018/2019.
Emuva kokugawulwa yizembe iStars idedele cishe bonke abadlali abebehola kakhulu okukhona kubona uRooi Mahamutsa,Patrick Phungwayo, Eleazer Rodgers nabanye. Nokho inqume ukugcina abanye ekholwa wukuthi ingathola amangqushana ngabo emaqenjini akwi-Absa Premiership ngaphambi kokuyoqala impilo entsha ehlathini.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi iSundowns ifuna uMobbie oyibamba emuva kwesokudla. Lo mdlali ungomunye wabasebenze kanzima ngesikhathi iStars iwina iNedbank Cup ngesizini ka-2017/2018.
“ISundowns ifuna uNyiko weFree State Stars. Indaba yakhe isikhulunywe yaqedwa ngaphakathi kwiSundowns. Noma kanjani uma iqembu libuya emaholidini uzophikelela kuyona. Bamthandile abaqeqeshi ngoba usemncane futhi babona ezokwazi ukudlala ngale ndlela abayifunayo,” kusho umthombo.
Uma uMobbie egcina ephelela kwiSundowns, uzobanga indawo noThapelo Morena obuye adlaliswe phambili,Anele Ngcongca. Lokhu kungenzeka ukuba kusho ukuphela kwendawo kuSiyanda Zwane obekade ebolekiswe kwiLamontville Golden Arrows ngesizini edlule.
URantsie Mokoena oyimenenja yeStars uthe: "Ngiyayizwa indaba yeSundowns ukuthi ifuna uNyiko kodwa ayizi kimina. Ifoni yami ihlala ivuliwe, akekho osengithintile. Kodwa ngilinde ukuthi amaqembu avule emasontweni azayo mhlampe sizobe sesikhuluma into eya phambili. Okwamanje kuthulekile ngalaba badlali esibadayisayo. Angazi noma amaqembu awanayo yini imali noma afuna ukubathatha mahhala laba badlali.”
Eziqhamuka ngaphakathi kwiSundowns zithi kuyakhalwa ngemali efunwa yiStars ngalo mdlali, kuthiwa abaphathi beStars bafuna imali uR5 million noma uR6 million.
Maduzekulindeleke ukuthi iSundowns ikhiphe uhla lwabadlali ezohlukana nabo osekuvele kuthiwa luzothusa iningi. Kubadlali abangase badedelwe kukhona uJeremy Brockie, Cuthbert Malajila, Mokgakolodi Ngele, Aubrey Ngoma nabanye.