UMQEQESHI uJulen Lopetegui okhonjwe indlela njengomqeqeshi weqembu lesizwe eSpain sekubalwa amahora ngaphambi kokuthi kuqale iWorld Cup eRussia. Isithombe: Stringer/Reuters
UKUSHINTSHA abaqeqeshi sekusele amahora angaphezudlwana kwangu-24 lisuke lihlale kwi-2018 Fifa World, kuzokwenza umhlaba wonke uyihlahele amehlo imidlalo yeSpain.

Ompetha be-2010 FIFAWorld Cup edlalelwe eNingizimu Afrika, bazoqala inyathuko yabo eRussia eFisht Stadium, eSochi kusasa ngo-8 ebusuku sebecijwa nguFernando Hierro.

UHierro uqashwe yinhlangano eyengamele ibhola Spain ngoLwesithathu emini ngemuva kokuxoshwa isigubhukane kukaJulen Lopetegui khona izolo.

ULopetegui uxoshelwe ukuthatha umsebenzi wokucija iReal Madrid uma ebuya kwiWorld Cup.

Kuvele ngoLwesibili ukuthi uLopetegui uvume inkontileka yeminyaka emithathu ecija iReal, eshiywe ngumqeqeshi oyinqobise ama-Eufa Champions League amathathu, uZinedine Zidane. 

UHierro ubevele ekhona ethimbeni losomaqhinga beSpain kwazise ubengumqondisi webhola.

ISpain iboshelwe nePortugal, Iran neMorocco.
Bheka ezinye eizthinta i-2018 Fifa World Cup kwiDiski Yomhlaba kwiSolezwe ngoMgqibelo nakwi-Isomag kwi-Isolezwe ngeSonto.