KUKHONJWA iCovid-pneumonia kudlula emhlabeni owayeqeqesha i-Orlando Pirates, u-Ian Palmer ngoLwesine ekuseni.
Bese iqalile ukuvela imibiko kweminye imithombo yabezindaba zebhola ngaphambi kokuthi iPirates qobo iqinisekise kwiTwitter ukuthi ngempela akasekho uPalmer.
“Egameni lomndeni we-Orlando Pirates, sidlulisa amazwi enduduza emndenini wakwaPalmer. Alale ngokuthula,” kusho iTwitter yePirates.
Kuvela ukuthi uPalmer udlule emhlabeni ngo-7 ekuseni ngoLwesine.
Lo mqeqeshi obeneminyaka engu-55 uke wacija neMaritzburg United neRichards Bat FC, agcine ukubonakalayo kuyo ngo-2019.
KwiPirates uPalmer udlalile kubatshazwa ikhono lakhe phambi kwamapali.
Nokho ukuba buthaka kwempilo kwaholela ekutheni asheshe aliyeke ibhola nokwenza wangena ekuqeqesheni esemncane.